UBENGOWESILISA obewaziwa ngemigilingwane umthandazi ogixabezwe ngodilikajele elahlwa ngecala lokudlwengula ephindelela umzukulu wakhe ophila nokukhubazeka.
Lo wesilisa oneminyaka engu-50 elingeke lidalulwe igama lakhe ukuvikela umgilwa, ugixabezwe yiNkantolo yesiFunda yaseNtuzuma isigwebo sikadilikajele ngemuva kokuba ngeledlule imlahle ngecala lokudlwengula umzukulu wakhe izikhawu ezine.
Kuvele ukuthi ngoNovemba 2022, wadlwengula umzukulu wakhe owayeneminyaka eyisishiyagalombili, ekhaya eLindelani.
Umshushisi u-Advocate Naushaad Haripersadi unxuse inkantolo ukuba imgwebe lo wesilisa.
Uveze ukuthi akaqali ukubandakanyeka ezigamekweni ezingezinhle, waveza ukuthi eminyakeni eyedlule, wake walahlwa ngecala lokushushumbisa izidakamizwa, waphinde walahlwa ngamacala amathathu okushaya ngenhloso yokulimaza, wabhadla ejele izinyanga eziyisithupha.
Umshushisi uthe onecala wasinda kukubi abesilisa abangomakhelwane bakhe besho ukumqeda benengwa umkhuba wakhe wokuthi njalo ubavezela isitho sakhe sangesese ebachomela ngokuthi sinamandla kunezabo.
Uke wabhekana nanecala lokubizela izinkabi umndeni wakhe. Kuvele nokuthi uke wagwaza amalungu omndeni amahlanu.
"Izenzo zakho zonke zikuveza ngokusobala ukuthi ungumuntu onjani. Leli cala lokudlwengula lifakazela ukuthi ungumuntu onjani,'' kugcizelela uMshushisi.
Ubuze lo wesilisa ukuthi ngaphambi kokuba inkantolo iwise isigwebo kukhona yini okusenhliziyweni angathanda ukukusho?
"Ngicela inkantolo inganginikezi udilikajele ngoba lokho kuyongikhinyabeza empilweni yami. Kuyoholela ekutheni nomsebenzi wami wokuqopha amafilimu ungaphinde ube khona,'' echaza.
Umshushisi umbuzile ukuthi angamenzanjani owesilisa okungathiwa udlwengule indodakazi yakhe.
"Loyo muntu kungamele athole isijezo esifanele,'' kuphendula lo wesilisa.
Umshushisi uthe kuyacaca ke ukuthi naye kumele athole udilikajele. "Ayi phela mina awungifanele udilakajele ngoba ngimsulwa,'' kuphendula yena.
Imantshi, uNkk Mpunguse, uthe ummangalelwa ukhombise ukungazisoli ngoba akakaze alivume icala.
"Isigwebo sikadilikajele yisona esikufanele,'' kusho imantshi. Ithe igama lalo wesilisa lizofakwa ohlwini lwabantu abake badlwengula futhi lizofakwa ohlwini lwabantu okungafanele ukuba bagunyazwe ukusebenzisana nezingane.
Iqhuba, ithe ukugwetshwa kwakhe kusho ukukhululwa komgilwa emaketangweni engcindezelo.
"Phela umgilwa ubengeke esakwazi ukuqhubeka ahlale nawe endlini. Uyakwesaba,'' isho kanje.
Imantshi ikhale nangokuba yinsakavukela kwamacala okudlwengula ngaphakathi emindenini, yathi okubuhlungu ukuthi imindeni eminingi ijwayele ukuwafihla amacala alolu hlobo.
Unina kamgilwa ocele ukuba lingadalulwa igama lakhe, uthe namanje akuvumi ukuthi akholwe ukuthi umuntu wasegcekeni wenze umonakalo onjengalona enganeni yakhe yentombazane.
Ngemuva kwesigwebo, ukhihle isililo phakathi enkantolo.