UZOVELA ngoMsombuluko owesilisa obanjwe namathambo amabhubesi ngoLwesihlanu, esikhumulweni sezindiza, i-OR Tambo International Airport, eGauteng.
Lo mlisa oneminyaka engu-34 ubudala, ubanjwe ngoLwesihlanu e-OR Tambo ephethe isikhwama esinamathambo.
Umsolwa uboshwe onogada basesikhumulweni sezindiza bebona izinto ezisolisayo esikhwameni sakhe.
“Umsolwa uvinjwe ngonogada esikhumulweni sezindiza bamdlulisela kumalungu oKlebe asebenza ngaphansi kophiko lwezinsiza ezivikelekile zezomnotho eGermiston. Ngesikhathi kuvulwa isikhwama sakhe, kutholakale amathambo ebhubesi,” kusho okhulumela amaphoyisa.
Umsolwa ubelibangise eVietnam ezoxhuma ibhanoyi eQatar.
Amaphoyisa ashaqe imali, iselula nezincwadi ezimbili zokuvakasha. Uphenyo lokuqala luveze ukuthi lo mlisa ubephethe amathambo amabhubesi amahlanu.
Umsolwa uzothweswa icala lokushushumbisa izilwane zasendle ngokungemthetho, ukutholakala namathambo ebhubesi nokwephula umthetho iNational Environmental Management Biodiversity Act (NEMBA).