UBENEZINYANGA eziyisishiyagalombili ekhulelwe, owesifazane waseLindelani, eMzinto, okuthiwa ubulawe kanye nodadewabo, bedutshulwa uyise wezingane zakhe ngeSonto.
Umsolwa, uMnuz Nkanyiso Shezi, ogcine ngokuzingqokloza naye, uphinde wadubula nomunye umakhelwane, okumanje kuthiwa usesimeni esibucayi esibhedlela.
Isidumbu sikaNksz Nandipha Lifana (33), esikadadewabo omncane uNksz Nangamso Lifana (29) nesikaShezi zitholwe zidindilize ndawonye emjondolo obuhlala laba besifazane.
Kuvela ukuthi uShezi, obeyinkunzi yohlobo, wenza lesi sehlakalo nje, endlini yakhe kubo, ushiye owesifazane, naye obekhulewe ingane yakhe.
Udadewabo wabesifazane, uNksz Nozuko Dlabom utshele Isolezwe ukuthi basola ukuthi umsolwa ubulale uNandipha edinwa ukuthi ngesikhathi emala, emva kwesikhashana emkhulelise ingane yesine, (uNandipha) wavele wangamlwisa.
“UNandipha wayedinwa ukuthi owesifazane amalela yena, umngani wakhe omkhulu, wakhona endaweni. Okusho ukuthi wayelindele ukuthi uzolwa, wavele wakhetha ukuzithulela,” kusho uNksz Dlabom.
Uqhube wathi njengoba ebesemkhulelise eyesine, kukhona ezinye ezimbili eziphilayo, eneminyaka engu-15 neneminyaka engu-10, kuthi ebingumagcino, yashona ineminyaka emihlanu eminyakeni embalwa edlule.
“Sitshelwe ukuthi ngesikhathi egasela, ufike wadonsela uNandipha phandle, wathi akavalelise kodadewabo ababili abehleli nabo. Umbuze umbuzo wokuthi ufuna ukumbulala yini, wase edlubulundela, ebaleka ebuyela endlini,” kusho uNksz Dlabom.
Uthe umlandele masinyane, wafika wamdubula ekhanda.
Uveze ukuthi kuthe uma ethi uyamkhuza uNangamso, naye wamshaya ngenhlamvu ekhanda.
Uthe omunye udadewabo obekhona endlini, uphume wabaleka.
Kuthe kusenjalo, kwaqhamuka umakhelwane, obezwa umsindo wesibhamu, naye wangadabula njengoba emdubule ebusweni, nhlanhla leyo wangashona.
“Ube esezidubula ke naye, waphelela lapho,” usho kanje.
Udalule ukuthi ngesikhathi ufika endaweni yesigameko umndeni kamufi, unina uthumele ukuthi kubizwe intombi kamsolwa abeyishiye endlini, efike yababaza yathi “kanti usembulele ngempela”.
“Kuthiwa ubephume endlini eshilo ukuthi uzombulala nokuyinto okuvele ukuthi ubelokhu eyisho. Sisola ukuthi bazitshele ukuthi uyazisholo nje njengenjwayelo,” kubalisa uNksz Dlabom.
Uveze ukuthi isibhamu asisebenzisele ukwenza umuga esomsebenzi njengoba ebengunogada.
Ube esedalula ukuthi uthando lwabo belunokuhlukumeza njengoba ebehlala ahlale amshaye uNandipha.
“Ubemshaya ngisho ehlangana naye endleleni. Ngesikhathi behlukana, sasithi usezophumula, kanti asazi ukuthi uzogcina ngokumbulala. Siphatheke kabi,” kusho uNksz Dlabom.
Uthe balusizi ngokuthi abafi bashiye izingane ezinhlanu ezisencane njengoba noNangamso eshiye ezintathu ezineminyaka emibili, emihlanu neyisishiyagalolunye.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uConstable Thenjiswa Ngcobo uthe amaphoyisa aseMzinto avule amacala amabili okubulala, elilodwa lokuzama ukubulala nedokodo lokufa komuntu.