SIMPHIWE NGUBANE
I PHOYISA elalithunywe ukuthi lilande imoto kowayengumdlali weqembu lebhola lombhoxo obhekene namacala okubulala uJoseph Phindile Ntshongwana (osesithombeni) litshele iNkantolo eNkulu yaseThekwini izolo ukuthi umsolwa walitshela ukuthi uchitha isikhathi esiningi efunda izincwadi zeNkosi uShaka ngoba uthanda isibindi sayo.
UWarrant Officer Lucky Mathe, oneminyaka engu-27 eyiphoyisa, uthe wayekade ethunywe wumngani wakhe osenkampanini yakwa-Avis ukuthi aye eYellowwood Park ngoMashi 24, 2011 ayolanda imoto eyayisiphelelwe yisikhathi ibolekwe wuNtshongwana. Uthe wayifica inegazi lomuntu ngaphakathi ezihlalweni nasesicabheni somshayeli.
UMathe uthe wathuka kwabanda amathumbu ngesikhathi echazelwa wuNtshongwana ukuthi uShaka wayengagcini ngokukhalipha nje kodwa wayenesibindi ukwedlula wonke amanye amakhosi kangangoba wahlinza owesifazane owayezithwele efuna ukubona ingane ukuthi ihlezi kanjani esibelethweni.
“Ngambuza ukuthi usenzani manje ngoba akasayidlali i-rugby wathi uchitha isikhathi esiningi efunda izincwadi zeNkosi uShaka. Ngabe sengimbuza ukuthi kwenziwa yini lokho ngoba yena ungumXhosa kanti uShaka kwakuyinkosi yamaZulu. Wabe esethi nguShaka kuphela inkosi eyayinesibindi eyakwazi ukuqaqa umuntu wesifazane isisu ifuna ukubona ingane,” kuchaza uMathe. UMathe ubecacisela ummeli kaNtshongwana u-Adcocate Themba Mjoli ukuthi bake babonana nomsolwa ezolanda imoto. UMjoli uthe utshelwe wummangalelwa ukuthi akazani noMathe futhi akakhumbuli ehlangana naye beze behamba bobabili bebuyisela imoto eyayibolekwe kwa-Avis.
Umsolwa usolwa ngokubulala uMnuz Thembelenkosini Cebekhulu ngoMashi 20 nyakenye, Mnuz Paulos Hlongwa emva kwezinsuku ezimbili, Mnuz Simon Ngidi nendoda igama layo elingaziwa bonke okwatholwa izidumbu zabo zingenamakhanda zihlahlelwe ngembazo.
Usolwa nangokuthumba adlwengule ephindelela ngaphandle kwekhondomu owesifazane owayeneminyaka engu-25 ngoNovemba 28, 2010 okuthiwa wamvalela izinsuku ezintathu emsabisa ngokumbulala ethi wakhipha isisu emva kokuthi esethelele ingane yakhe ngengculazi.
Ummeli kaNtshongwana naye umsolwa bavume bangaphikisana ngophenyo nobufakazi obethulwe ngofakazi ngalamacala okubulala kodwa bacela inkantolo ukuthi iphinde ibize ofakazi abathile ngenxa yokuthi kwakunamaphepha ababenganikwanga wona ngesikhathi bephekwa ngemibuzo.
Kuvele nokuthi uNtshongwana esebuyisela imoto watshela uMathe ukuthi igazi elalisemotweni ngelabantu ayebalayishile abalimala engozini yemoto nebhasi.
Ephekwa ngemibuzo uMathe uthe wayengazi ukuthi uNtshongwana nguyena lo othinteka emacaleni okujuqa abantu ngembazo wathi ukube wayazi ngabe wambopha.
“Ngangiye laphaya ngithunywe umngani wami ukuthi ngimlandele imoto. Yingakho esitatimendeni samaphoyisa engasenza ngingabhalanga ngegazi engalithola emotweni ngoba ngaleso sikhathi ngabona ukuthi akubalulekile ukwenza lokhu,” kusho uMathe.
UMjoli uthe ubufakazi bukaMathe buyashayisana wathi kunokwenzeka ukuthi utshelwe wumphenyi wecala noma wumshushisi ukuthi akathini enkantolo.
Icala liyaqhubeka namhlanje.