ISAZI samasiko esiphinde sibe ngumelaphi wendabuko uDkt Velaphi “VVO” Mkhize, sivule isitolo esidayisa izincwadi ezichaza ngesintu, amagugu nezinto zomsamo.
Isitolo esivulwe namhlaje, sibizwa ngokuthi Umsamo Books and Memorabilia sisehhotela iHilton, eThekwini.
Sizodayisa izincwadi zakhe eziyisishiyagalolunye, izinto zamagugu esintu nezabanye ababhali bezinye izinhlanga.
UMkhize uthe zintathu izinto ahlose ukuzizuza ngesitolo - ukubona zibuyela emasisweni, ukufundisa intsha ngemvelaphi yayo nokuthekela isizwe ngolwazi lomsamo.
“Bengilokhu ngithekela isizwe ngolwazi emisakazweni, kumabonakude nasemaphephandabeni manje sengivule isitolo esinakho konke. Abantu kumele sibanike ulwazi oluzobasiza bazi ngomsamo nemvelaphi yabo, bangayi ezinyangeni ngezinto abangazenzela zona,” kusho uMkhize.
Uthe iphupho lakhe lokugcina elokwakha ikolishi elizofundisa ngezinto zesintu.
“Sengiwutholile umhlaba futhi ngibheke ukuthi uqale umsebenzi wokulakha ngo-2022. Angikholelwa oxhasweni ngoba nesitolo ngizivulele ngaphandle kwalo, kodwa amandla ngiwathola esigodlweni, uMlambomunye. Sifuna ukufundisa abantu ukuthi wenzanjani uma unomsebenzi wabadala, siqwashise umhlaba ngomsamo. Sazi ngemvelaphi namasiko nokuthi yini lena engasisiza eyenziwa ezinye izizwe,” kuchaza uMkhize.
Nakuba izincwadi zikaMkhize zitholakala ezitolo ezidayisa izincwadi kodwa ukhethe ihhotela, athe lihanjelwa yizivakashi ezivela emazweni omhlaba.
Uthe ufuna umsebenzi wakhe nowozakwabo usabalale umhlaba wonke abantu bazi ngamagugu, ubuciko, isintu nomsamo.
Isitolo sivulwa ngoMsombuluko kuze kube nguLwesihlanu ngo-8 kuze kube-4 ntambama. NgoMgibelo nangamaholidi sivulwa ngo-9 kuze kube u-3 ntambama.
“NgamaSonto asivulwa ngaphandle uma kunemicimbi eyisipesheli enhlobonhlobo njengezingqungquthela,” kusho uMkhize.