UGWETSHWE iminyaka eyishumi yahoxiswa, ebhadla ejele umrepha wakuleli, uThulani "Pitch Black" Afro emuva kokulahlwa yicala lokubulala umkakhe ngokungenhloso.
Yize egwetshwe le minyaka kodwa ingxenye yalesi sigwebo ihoxisiwe kuze kuphele iminyaka emihlanu engatholakali necala elifanayo.
Lo mculi ulahlwe yicala lokufa komkakhe uCatherine Modisane eminyakeni emibili eyedlule.
UPitch Black Afro ubevele phambi kweJaji uJ du Plessis eNkantolo eNkulu iSouth Gauteng namhlanje.
Lesi sigwebo sisho ukuthi lo mrepha uzogqunywa ejele iminyaka engevile kwemithathu njengoba ebeseke watoka unyaka nezinyanga ezinhlanu ejele kusaqhubeka ukuthethwa kwecala.
Kwenzeka lokhu nje lo mculi wayebekwe namanye amacala, okungelokukhohlisa ingalo yomthetho nokuhlela ukubulala umkakhe kodwa ukhishwe phambili kuwo izolo.
Ijaji lithe yize uPitch Black Afro ayengahlosile ukubulala uCatherine kodwa ukhombise izimpawu zokuthi akazisoli ngesenzo sakhe. Nakuba kunjalo kodwa ijaji libuye lamcabangela ngokuthi ubesenobudlelwano obuhle nabasekhweni lakhe njengoba aphonsa itshe esivivaneni ukuhlangabeza izindleko zokufihlwa komkakhe.
Kuhluleke ngisho ummeli woMbuso efuna agqunywe ejele iminyaka emihlanu egcwele lo mculi ngoba akufanele inkantolo ikuzibe ukuthi kunomphefumulo owaphumayo kodwa ummeli kaPitch Black Afro wathi kufanele kucatshangwe ukuthi umufi nguye owachukuluza ummangalelwa ngokumqhumisa ngempama.
Ijaji lithe yize uPitch Black Afro axolisa emndenini kamufi kodwa ubelokhu ephika ukuthi uyazi ukuthi kwenzekani ngosuku lwesigameko ngenxa yokuthi wayedakiwe.