ABAHLOLA izintombi nto bathi izintombi zizoya eMkhosini woMhlanga noma ngabe ukusiphi isigodlo.
UNkk Nomagugu Ngobese ongumsunguli wenhlangano egqugquzela isiko lokuhlolwa kwezintombi iNomkhubulwane, uthe bazoya noma yikuphi lapho iSilo uMisuzulu kaZwelithini, esizokwenzela khona uMkhosi woMhlanga, okuhlelwe ukuthi ube ngoMgqibelo.
Uthe uma ingekho indawo yokulala bayolala esigangeni ngoba bathanda isiko.
Usho kanjena ngenxa yemibiko ethi abeseka uMntwana uSimakade kaZwelithini,babhalele uNdunankulu wesifundazwe uNkk Nomusa Dube-Ncube bethi lo mcimbi ngeke ube sesigodlweni eNyokeni ovame ukubanjelwa kuso.
Incwadi okuthiwa ibhalwe nguMntwana uMxolisi kaBhekuzulu ithe abasemukeli iSilo uMisuzulu kaZwelithini kodwa bahlonipha uMntwana uSimakade, njengeSilo.
Isigodlo iNyokeni saqokwa njengokuzokwenzelwa kuso yonke imikhosi yaseNdlunkulu, uhulumeni watshala imali yokuthi silungiswe. UNkk Ngobese uthe: "Kusukela ngo-1994 akukaze lube khona uhlelo oluhle lokugcinwa kwamasiko, bonke ababekwa ezihlalweni kabanandaba nesiko bakhathazeka ngezihlalo abazozithola. Kwabona labo okuthiwa bayalwa kabanandaba nesiko, abakaze basibuze thina njengabagqugquzeli besiko ukuthi sithini. UMnyango wamaSiko nobuCiko sewasibhalela izincwadi ukuthisehlise isibalo sezintombi ezizoya eMhlangeni ngoba uthi indawo incane, ukudla ngeke kwanele. Isincishiswe yini indawo? Sashokudala ukuthi sifisa omama abahlola izintombi kube yibo abazophekela izintombi kodwa akwenzeki. Sitshelwa ngesibalo nje ngoba kujahwe amathenda okupheka," kusho yena.
Uthe omama abahlolayo akukho lapho beke banikwe khona ithuba lokuthi baphawule ngaleli siko.
"Nangalo usuku lomkhosi akekho umama ohlola izintombi noma owazi ngaleli siko onikwa ithuba lokukhuluma, kushintshana osopolitiki. Lelisiko licindezelekile nhlangothi zonke.
“ Kumanje izintombi ezifunda u-matric zizobe zibhala ngoLwesihlanu okuzokwenza ukuthi zingakwazi ukuhamba. Angithi kwenzelwa kona ukucindezela isiko ngoba abaphethe kabanandaba nalo. Umkhosi wenzelwa ukuthi kugxivizwe ukuthi wenziwe, hhayi ngokuyikho noma cha," kusho uNkk Ngobese.
UMnuz Nathi Olifant okhulumela uMnyango wamaSiko bobuCiko KwaZuluNatal, uthe amalungiselelo oMkhosi woMhlanga asesigabeni esiphezulu kodwa wenqaba ukuphawula ngezinye izinselelo ezithinta lo mkhosi.
Leli phephandaba lihabule ukuthi izolo ntambama bekulindeleke ukuthi kube nomhlangano kaNkk NomusaDube Ncube noNgqongqoshe walo Mnyango uNkk Amanda BaniMapena lapho bekuzodingidwa khona lolu daba.
Ephawula ngencwadiebhalelwe uNdunankulu wesifundazwe uNdunankulu kaZulu, uMntwana uMangosuthu Buthelezi, uthe akufanele kube nokudideka ngesigodlo saseNyokeni nesaseNgwavuma ngoba zakhiwa ngemali kahulumeni.
Uqhube wathi uhulumeniwakhipha imali ukuthi zonke izigodlo zilungiswe futhi uhlale ekhipha imali yokuthi zisetshenziselwa imikhosi okumele yenziwe iSilo.
Uthe izigodlo ngezeSilo esisuke sibusa yingakho nohulumeni efaka imali kuzo ukuze kwenzelwe kuzo imikhosi ebumba isizwe.
“Ngiyakuqaphela ukukhathazeka mayelana nokubikwe kwabezindaba ukuthi lesi sigodlo manje sekungesoMntwana uSimakade , iqiniso ngukuthi isigodlo saseNyikeni sasakhelwe ukuthi sihlale indlovukazi esanda kukhothama engunina weSilo. ISilo esakhothama sangenzela indawo okumele ngihlale kuyo kuso lesi sigodlo njengoNdunankulu wesizwe,”