KUBOSHWE isalukazi sabekwa icala lokuhweba ngezidakamizwa erenki yamatekisi yaseSweetwaters, eMgungundlovu.
Lo wesifazane oneminyaka engu-61, ukhalelwe ngamasongo kaSigonyela ngoLwesithathu.
Kulindeleke ukuthi avele eNkantolo yeMantshi yaseMgungundlovu ngoLwesine ngecala athweswe lona.
Okhulumela oKlebe KwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Simphiwe Mhlongo uthe amaphoyisa alunywe indlebe ngokudayiswa kwezidakamizwa okuqhubeka erenki.
“Amaphoyisa (oKlebe, uphiko iCrime Intelligence neTast Team yaseMgungundlovu) anikele endaweni abekade etshelwe ngayo afica umsolwa ehlezi emotweni. Kube sekuseshwa imoto kwavundululwa izingcezu zeCocaine ezingabiza uR140 000,” kuchaza uMhlongo.
Uqhube wathi omunye wabasolwa ubalekile kodwa zasikhalela isalukwazi.
Uthe kutholakale nemali enguR37 327 okusolakala ukuthi itholakale ngesikhathi kuthengiswa izidakamizwa.