IQEMBU le-IFP, liqinisekisile ukuthi uzofihlwa emathuneni asekhaya uMnuz Senzo Mfayela, obeyilungu lomgwamanda weqembu.
UMfayela obeyisikhulu esiphezulu kuPrince Mangosuthu Buthelezi Foundation udlule emhlabeni ngeSonto, ngemuva kokuxinwa wukugula.
UMchoboza wangena ePhalamende likazwelonke ngo-1994 ngesikhathi kuthatha uhulumeni wentando yeningi kuleli, kanti amagalelo akhe kwi-IFP aziwa ngabaningi eNdwedwe, nakulo lonke elakuleli.
Kubikwa ukuthi umholi we-IFP, uMnuz Velenkosini Hlabisa, uzohola inkulumo yosuku enkonzweni yomngcwabo ezoba ngeSonto ekuseni, enkundleni yezemidlalo iMgezengwane, eMona, ngaphambi kokuba ayofihlwa emathuneni asekhaya.