ZISUKUME zaphuma ngaphandle kweNkantolo eNkulu yaseThekwini, ezinye izihlobo zowesifazane, owagwazwa, wabulawa nguyise wengane eGateway, umshushisi woMbuso eveza ukuthi sekuzodlalwa i-video yesigameko.
Esigamekweni esenzeka ngo-Agasti 4, ngonyaka odlule, ummangalelwa uMnuz Siphamandla Khumalo (35), kuthiwa wagwaza ephindelela, waphinde wanqumisa okwesilwane umufi, uNksz Nomfundo Msibi (30).
Ngokwe-video enyantisa igazi, isigameko senzeka emhubheni osuka ngaphakathi ezitolo, ubheke erenki yamatekisi.
Ukudlalwa kwale video bekuholwa umshushisi woMbuso, u-Advocate Krishen Shah, obelokhu ekumisa, bese eyalela ufakazi woMbuso, uDetective Constable Boitumelo Phama, ongumphenyi wecala, ukuthi acacise okuvelayo.
Ngesikhathi ethula lobu bufakazi uDet Const Phama uze wathi: “Ummangalelwa wamnqumisa okwesilwane umufi."
Umfowabo kamufi, uMnuz Halalisani Mbatha, obesele ngaphakathi enkantolo, ubonakale elokhu ethe njo kwithelevishini ngesikhathi kudlala i-video, nakuba ubengakhali kodwa ubuso bebubhalwe ukudangala.
Ngaphambi kwalokho, owethule ubufakazi eholwa uMbuso, bekuyisoka likamufi, uMnuz Mthobisi Gasela.
Uveze ukuthi yena nomufi baqala ukuthandana ngoMeyi ngonyaka odlule, okwakuyisikhsthi esiyizinyanga ezintathu ngaphambi kokuthi abulawe ngo-Agasti, wathi ngesikhathi buqala ubudlelwano babo, umufi wamtshela ukuthi usehlukene noyise wengane ngoba ubemhlukumeza, emshaya.
Udalule ukuthi zikhona izigigaba zokuhlukumeza ezenzeke ngisho umufi esethandana naye.
Echaza ngazo uthe kukhona lapho ayehamba khona nomufi eDurban Station, ezohlangana nommangalelwa, ukuzothatha imali yengane.
Uthe nakuba ummangalelwa ababona beqhamuka behamba bobabili, wakhetha ukungabi yingxenye yengxoxo yabo.
“Wathi eya kuye, ngawela umgwaqo ngaya ngapheshela. Bathi sebeya esitolo (ukuyokhipha imali) ngavele ngahamba ngayogibela,” kusho uGasela, othe yena wayehlala eMlaza.
Uthe emva kwemizuzu engu-15, umufi wamfonela emtshela ukuthi useya emqashweni wakhe KwaMashu, kodwa ummangalelwa uyamlandela.
“Ngezwa ekhuluma ngemumva ethi ‘yeyi wena usukhuluma nendoda yakho’," kusho uGasela.
Uthe kwathi ngabo-8 ebusuku, umufi wamfonela, ekhala ethi ummangalelwa uyamshaya futhi uzombulala. Uthe yikulo lolo cingo lapho ummangalelwa wagcina ekhuluma naye (uGasela), emtshela ukuthi unina wengane yakhe lona, ucela akahlukane naye.
"Ngaphendula ngathi bengingazi ukuthi bayathandana, ngazi ukuthi sebahlukana, waphendula wathi unina wengane yakhe lona, ucela ngihlukane phansi naye,” kusho uGasela.
Uthe wamphendula ngokuthi "Awushadile naye”, nokuyilapho amsabisa khona ngokuthi uzombulala (uzobulala uGasela).
Uthe emva kwalolo suku, umufi wahlala usuku engayi emsebenzini ngoba wayemshaye wamlimaza.
UGasela uthe emva kwaleso siwombe sokulandelwa, nokushawa, wabe esezohlala naye eMlaza umufi, ethi usabela impilo yakhe.
Ngosuku lwesigameko uthi wagcina emphelezeya ukuyokhipha i-layby yejakhethi kamufi, owayeseze wafonela nomfowabo kamufi ethi uyayicela ukuze bahlukane ngokuthula.
“Ngiyacabanga ukuthi uwasola ukuthi kukhona okungahle kwenzeke ngoba wacela ukuthi angahambi yedwa umufi. Wagcina ephelezelwa yimi, umngani wakhe ematasa,” kusho uGasela.
Uthe sebefika enxanxatheleni bavumelana ngokuthi bangahambisani, ukuze uma kukhona ummangalewa akwenzayo, uGasela akwazi ukusheshe abone bese efuna usizo, wathi esinye isizathu sokuthi benze kanjalo kwakuwukuzama ukugwema ingxabano ngokucabanga ukuthi uma ebabona behamba bombabili wayezodinwa.
Udalule ukuthi ngaphambi kokuthi aqale amgwaze, kwaqale kwaba nokuhilizisana phakathi kwabo akuzwa ngocingo, umufi esemfonela, wamuzwa embuza ukuthi ubemsaphi kanti ezitolo uma engenayo imali (yokukhipha i-layby).
“Ngabona umufi ethatha amagxathu ambalwa eza ngakimi, ummangalelwa wamvimba. Ngithe ngiyezwa ngangibona umufi ebaleka ethi ‘nangu engigwaza’, ngabona kuphuma igazi ngasohlangothini,” uthe ingaleso sikhathi avele wagijima wayobiza amaphoyisa ayepake eduzane.
Uthe nakuba amaphoyisa asukumela ephezulu aya esigamekweni, amfica esethule umufi. Uthe yena akabange esaya ngakhona, ngovalo lokuthi mhlawumbe naye angahle amhlasele.
Ummeli kammangalelwa, u-Advocate Phumelele Daniso, uveze ukuthi ummangalelwa uthe yena akakaze ahlukane nomufi, babethandana ngesikhathi eseqome uGasela. Nokho uGasela ukuphikisile lokhu ethi, ngaphezu kokuthi umufi wayemtshelile ukuthi base behlukene, ziningi izimpawu ezazikhombisa lokhu. Phakathi kwazo kwakuyisikhathi abasichitha bekhuluma ocingweni.
Ngesikhathi uGasela ethula ubufakazi, ummangalelwa ubelokhu ezimoyizelela, engazi nanyaka kodwa kuthe sekubekwa ithelevishini ebidlala i-video yesigameko phambi kobuso bakhe, washintsha, zehla izihlathi.
IJaji uNkk uJacqueline Henriques lilihlehlisele inamuhla icala.