UMHOLI we Azanian Revolutionary Congress (Azarco), uMnuz Bheki Ngubane, uthi uma abantu bebakhetha ukuba bahole izwe, bazobuyisa isigwebo sentambo. Ukusho lokhu izolo, emcimbini wokwethulwa ngokusemthethweni kwaleli qembu lepolitiki, obuseCurries Fountain, eThekwini
“Siyi Azarco ukulwisana nobugebengu sizobuyisa isigwebo sentambo. Ngenxa yezinga eliphezulu lobugebengu, ukubulalana nokushushumbiswa kwabantu, ukudlwengulwa kwabesifazane nezidakamizwa. Bonke abantu abenza amacala afuze lawa sizoba faka isigwebo sentambo,” kubeka uNgubane.
Eqhuba, uthe wonke umuntu oboshiwe ngeke ondliwe wuhulumeni noma yimali yabakhokhi bentela, ngaphansi bokuholi be-Azarco, isiboshwa ngasinye kuzofanele sizodle sona singaphakathi, ngokuthi silime amazambane nokuinye.
Uveze ukuthi ucwaningo lwabo luthole ukuthi baningi abantu ababoshelwe amacala abangawenzanga kuleli. Ngaleyo ndlela bazowaphuca amajaji amandla okukhipha izigwebo, bazonikeza amalungu omphakathi aqeqeshelwe ubujaji, ukuthi kube yiwona akhipha izigwebo emacaleni.
“Kanjalo nonogada bazonikezwa imvume yokuthi nabo babophe izigebengu, bangalindi amaphoyisa. Ngaphansi kobuholi be-Azarco akekho umuntu oyovunyelwa ukuphatha isibhamu kuleli noma ngabe sisemthethweni. Uma utholakala naso uyaboshwa,” kuphetha uNgubane.
Okunye akuvezile wukuthi alikho iqembu abazosebenzisana nalo ngenhloso yokuthi bangene emandleni ombuso. Ezinye zezethulo ze-AZarco wukuthi abahambisani nokuvulwa kwemincele yezwe, bazolwela ukubuyiswa komhlaba wabamnyama ngaphandle kwesinxephezelo, ukuthengwa kwezikhali zenusi nemfundo yamahhala.