ISAVALIWE indawo ekhonzwe yizivakashi eThekwini, Ushaka Marine World njengoba kuqhubeka isiteleka sabasebenzi.
Selokhu kwavalwa eShaka ngoFebhuwari 12, kanti abasebenzi bathe basazoqhubeka nokuqhinqa nakuleli sonto.
UMnuz Xolani Dube onguNobhala weSouth African Municipal Workers Union (Samwu) eThekwini, utshele Isolezwe ukuthi namhlanje banomhlangano kwiCommission for Conciliation Mediation and Arbitration (CCMA), lapho bebizwe khona ukuze kuqale imizamo yokuthola isisombululo salolu daba.
“Okwamanje isiteleka siyaqhubeka, iShaka Marine World isavaliwe. Kusasa siya emhlanganweni neCCMA ngoba uma isiteleka sesidonse isikhathi eside, ukhomishana uye abize zonke izinhlaka ezithintekayo ukuze zethule amaphuzu azo, bese ezama ukuthola isisombululo,” kuchaza uDube.
Uthe abasebenzi bafuna ukuholelwa ngendlela efanele njengoba iShaka Marine World wathola imibiko emibili, ezinkampanini ezimbili ezikubeka kucace ukuthi abasebenzi kufanele baholelwe kanjani.
“Abasebenzi bazimisele ukubuyela emsebenzini uma izincomo zemibiko yangaphambilini zisetshenziswa kuwo wonke umuntu. Abakhala ngakho wukuthi izincomo zasebenzela idlanzana. Sifuna iCCMA ibone le mibiko ukuze ikwazi ukuza nesisombululo kwizikhalo zabasebenzi,” kuchaza uDube.
Ubuye waveza ukuthi ikhona neminye imihlangano ebizwa wuMasipala weTheku nawo ofuna ukuthola isisombululo odabeni lwesiteleka.
Utshele Isolezwe ukuthi abasebenzi bayazithanda izivakashi kodwa ngeke babuyele emsebenzini bengazitholile izimfuno zabo.
Phambilini, isikhulu saseShaka Marine World, UMnuz Ndabo Khoza, sathi bazimisele ukunyusa amaholo abasebenzi abahola kancane ngo-13% kuya ku-18% ngoba bayasiqonda isimo sabo.
Wathembisa ukuthi bazokwenza konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi siyatholakala isisombululo kulolu daba lwamaholo.