ZISAKHALA izinhlangano ezehlukene ngokufakwa kowayengumengameli wamajaji eWestern Cape, uDkt John Hlophe, kwikhomishini eluleka uhulumeni ngezithinta amajaji.
UHlophe ohola iqembu uMkhonto weSizwe ePhalamende, ufakwe ekubeni yilungu le-Judicial Service Commission (JSC), phezu kwezikhalazo zamanye amaqembu ePhalamende.
Omunye wemisebenzi yeJSC ukuphenya izikhalazo ezibhekiswe emajajini.
Umcwaningi enhlanganweni iJudges Matter, uMnuz Mbekezeli Benjamin, uthe badumele ngesinqumo sePhalamende, sokuqoka uHlophe ekubeni yingxenye yeJSC.
Uthe ukuqokwa kwakhe kubeka engcupheni isithunzi seJSC.
“Umsebenzi wePhalamende ukuvikela ukuzimela kwezinkantolo. Kubakulekile ukuthi kukhethwe abantu abangeke babeke engcupheni isithunzi seJSC kanjalo nezinkantolo ngoba le khomishini iphakamisa abantu abazoba amajaji asezinkantolo.”
UNksz Judith February weFreedom Under Law, uthe bekungamele kufakwe umuntu ofana noHlophe, owasuswa ekubeni ijaji ngoba azama ukuhlohla abanye ozakwabo ukuthi benze okuphambene nomthetho.
Uthe kuyaxaka ngoba amanye amaqembu ezepolitiki avota ekutheni akhishwe ngaphansi kwabantu ababizwa ngamajaji kuleli, kodwa futhi manje amanye amaqembu asemvotele ukuthi abe sekomitini elibhekele izinto ezithinta umthetho.
“UMthethosisekelo wezwe kumele uvikelwe zikhathi zonke. IPhalamende lihlulekile ukwenza umsebenzi walo ngokuthi lifake umuntu owasuswa ekubeni ijaji, kwikhomishini ephakamisa amajaji.”
Uthe bazosiphikisa lesi sinyathelo ngokulandela umthetho.
Amaqembu achithe uHlophe ePhalamende kubalwa i-DA, Freedom Front Plus ne-ACDP.