Silokhu sikhulile isibalo samaqembu amancane aphumela obala eseka iqembu uMkhonto weSizwe (MK) elethulwe owayengumengameli uMnuz Jacob Zuma wathi uzovotela lona okhethweni.
Iqembu elisha elisungulwe owayengunobhala-jikelele we-ANC uMnuz Ace Magashule, i-African Congress for Transfomation (ACT), aliifunanga nalo ukusala. Iqembu likaMagashule limemezele ukuthi lizobambisana noMkhonto weSizwe.
Leli qembu lithi okuningi okushiwo yi-MK kuyahambisana nokwenza bangaxwayani kakhulu nawo.
UMagashule osondelene noZuma, waxoshwa yi-ANC emuva kokuthi imthweswe amacala amlahla. UMagashule wanikwa ithuba lokwenza izethulo, wangazenza wase ekhonjwa indlela.
Ngaphandle kukaMagashule ojoyine uZuma, iBlack First Land First (BLF), ikhiphe isitatimende nge-MK. Umholi wayo uMnuz Andile Mngxitama, uhlala emeseka uZuma futhi uthe uyakweseka ukusungulwa kweqembu elisha.
“Sekuyisikhathi sokuthi wonke amaqembu anombono ofanayo wenqubekela phambili, ahlangane akhiphe i-ANC ezintanjeni zoMbuso. Siphelile isikhathi senhlangano ebusayo manje. Abantu bakhathele yiyona,’’ kusho uMngxitama.
I-PAC isanda kumemezela ukuthi iyaleseka igxathu likaZuma, yaze yathi izoya eNkandla iyophuza naye itiye, bathi ukuxoxa kabanzi.