KUNOHLANGOTHI oluzogqemeka udume lwengozi ecaleni lokufa kukaSenzo Meyiwa uma iJaji Ratha Makgoatlheng selikhipha isinqumo maqondana nezitatimende okuthiwa ezabamangalewa abavuma kuzo amacala.
UMeyiwa, owayeyisilomo se-Orlando Pirates neBafana Bafana, wadutshulwa wabulawa ekubo kwentombi yakhe, uKelly Khumalo, eVosloorus, eGauteng, ngo-2014. Amadoda amahlanu abhekene necala lokufa kukaMeyiwa kodwa ayawaphika wonke amacala.
Uhlangothi loMbuso lwethula izitatimende oluthi zabhalwa, zasayinwa abamangalelwa bevuma amacala bechakida nomuntu abathi wayebathumile. Abamangalelwa bathi bashaywa amaphoyisa abaphoqa ukuthi bavume amacala abasayinisa ngenkani.
Uhlangothi lwabameli babamangalelwa lwafaka isicelo sokuthi zichithwe izitatimende. Bathi akufanele zibe wubufakazi ngoba zatholakala ngendlela engekho emthethweni.
Izinhlangothi zombili ziqedile ukwenza izethulo. IJaji lithe lizokhipha isinqumo kusasa maqondana nokuthi izitatimende ziyemukwelwa noma cha.
Ungoti wezomthetho onguMqondisi weZikalala Attorneys, uMnuz Mpumelelo Zikalala, uchazile ngesigaba icala elikusona. Uthe okokuqala okufanele abantu bakuqonde wukuthi icala lehlulelwa ngobufakazi obusuke bubekwe phambi kwenkantolo.
Uthe uma izitatimende zemukelwa kuyobe kuwudume lwengozi kubameli kodwa kuyobe kungaphelile ngecala. UZikalala uthe kukhona into esemqoka eshiwo yijaji selivala.
“IJaji lishilo ukuthi sinqumo salo sizobe sinquma ngezitatimende kuphela, hhayi ngecala lonke. Isinqumo sizobe singachazi ukuthi sekufike ekugcineni. Ukwemukelwa kwezitatimende kuzobe kungasho ukuthi sekuyomiwa ngazo ngoba okuqukethwe kuzona kusazobhekwa,’’ kusho uZikalala.
Uthe uma izitatimende zichithwa, kuyobe kuwudume kwaboMbuso. Uthe lokhu kuyonika abameli ithuba lokufaka isicelo ngaphansi kukaSection 174 weCriminal Procedure Act 51 ka-1977. Lesi sigatshana sigunyaza abameli ukuthi bafake isicelo sokuthi abamangalelwa bakhishwe phambili uma kuvela ukuthi uMbuso uyehluleka wukuveza ubufakazi.