UMNDENI wowesifazane waKwaMakhutha, isidumbu sakhe esithowe sishuthekwe ngaphansi kombhede womngani wakhe ngoKhisimusi, ufuna anganikwa ibheyili umsolwa.
Umndeni kamufi uNksz Makhosazana Khumalo (25) utshele Isolezwe ukuthi wagcina ukumbona ephila ngoLwesihlanu ngesikhathi umsolwa, naye ongowasendaweni (ongowesilisa), efika kubo kamufi emzomlanda ehamba nomunye wesilisa, naye abamaziyo.
Iwele likamufi, uNksz Makhosi Khumalo, lithe ngesikhathi behamba, bathi bayophuza kubo kamsolwa njengenjwayelo.
“Asizange sibexwaye ngoba bobabili besazi ukuthi bangabangani bakhe futhi bajwayele ukuchitha isikhathi ndawonye,” kusho uNksz Khumalo.
Uthe baqale ukwethuka uma bebona kuphela amahora umufi engabashayeli ucingo ukubazisa ukuthi usaphephile, okuyinto abejwayele ukuyenza uma eyozijabulisa nabangani.
Uthe bavuke ngoMgqibelo banikela kubo kamsolwa ukuyobheka, kepha bafika kukhona uyise kamsolwa yedwa.
“Usitshele ukuthi umsolwa useMbumbulu, akazi lutho oluningi. Uthembise ukuthi uma ebuye eMbumbulu, uzosazisa. Nangempela wenze njalo,” kusho uNksz Khumalo.
Uthe ngesikhathi besalinde umyalezo wokubuya kukamsolwa eMbumbulu, banikele emaphoyiseni ukuyobika ukuthi umufi udukile.
“NgoKhisimusi sithole umbiko wokuthi umsolwa usebuyile eMbumbulu, sabe sesibikela amaphoyisa. Amaphoyisa ahlukane phakathi amanye ahamba nami ukuya kubo kowesilisa wesibili, kuyobhekwa nakhona ukuthi akekho yini uMakhosazana, ngesikhathi amanye enikela kubo kamsolwa ukuyobheka khona,” kusho uNksz Khumalo.
Uthe bebesabheka kubo kamsolwa wesibili ngesikhathi ethola ucingo oluthi sekutholakele isidumbu sewele lakhe sishuthekwe ngaphansi kombhede kamsolwa wokuqala.
“Ubaba uphuthume khona ukuyobheka isidumbu, wathola ukuthi wuye ngempela udadewethu. Ubelimele ekhanda, kunanephunga legazi ebelinuka kabi endlini,” kuchaza uNksz Khumalo.
Uthe sibathuse kakhulu isigameko.
“Sekuneminyaka bezwana. Besingalindele ukuthi angamenzakalisa kanje. Njengoba eboshiwe sifisa kwenzeke ubulungiswa, anganikwa ibheyili, abhadle ejele,” kusho yena.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa aKwaMakhutha abophe owesilisa ngecala lokubulala intombi yakhe.
“Lona wesilisa uboshwe kubo ngeSonto. Umufi ubenyamalele kanti uphenyo lwamaphoyisa lubheke ngasesokeni lakhe. Amaphoyisa abingelelwe yiphunga elibi ebeliqhamuka endlini kamsolwa, athi uma ebheka athola isidumbu sikamufi sishuthekwe ngaphansi kombhede sinamanxeba ekhanda,” kusho uNetshiunda.
Uthe kulindeleke ukuthi umsolwa avele namuhla enkantolo.