INKANTOLO yeMantshi eLibode inqabale umelaphi wendabuko ibheyili ngamacala amathathu okubulala.
UThandazani “Zanezulu” Mcetywa (27) oyisangoma uvele enkantolo ngamacala okubulala abashadile baseCacadu nephoyisa elabe selithathe umhlalaphansi uColonel Bongiwe Fikela.
Kuthiwa ngomhla ka 22 Ephreli 2022 uMcetywa waboshwa ngemuva kokutholakala kwesidumbu sowesilisa nowakwakhe zidindilizile emotweni yabo ngemuva kokuthi beyohlola kuyena.
“Uphenyo lwamaphoyisa lwanundulula ngokufa kukaColonel Fikela ngendlela efanayo. Umsolwa wayeheha abagilwa ngokusebenzisa izinkundla zokuxhumama ukukhangisa umsebenzi wakhe wemilingo yokucebisa abantu,” kusho uLuxolo Tyali okhulumela iNPA kulesi sifundazwe.
Omunye umsolwa kuleli cala u-Anathi Doris Njikazi, ongumshana kaColonel Fikela ubhekene necala lokwakha itulo lokubulala. U-Anathi wahlanganyela nalesi sangoma bavumelana ngokubulala leli phoyisa ukuze bazuze imali yomhlalaphansi ngoba lase lisebenze emaphoyiseni isikhathi eside kakhulu.
Bobabili abasolwa bahlulekile ukugculisa inkantolo ngokuthi kungani befanelwe wukunikezwa ibheyili. Ngaleyo ndlela, bazogqunywa esitokisini kuze kube wumhla ka 30 Disemba ukuze amaphoyisa aphothule uphenyo necala lidluliselwe enkantolo enkulu.