KUSABANJWE umoya ngesimo sikasaziwayo wokuzivocavoca uSbahle Mpisane ngemuva kokubandakanyeka engozini yemoto enyantisayo kuMargaret Mncadi Avenue (Victoria Embankment) ngoLwesithathu.
USbahle osasegunjini labagula kakhulu esibhedlela iSt. Augustine’s kuthiwa usephumile kwikhoma kodwa uphefumula ngamapayipi.
Izolo umcimbi ayewuhlele nozakwabo uYolanda Sokhela, wokukhuthaza abantu besifazane ukuthi bazivocavoce, i-Dual Aero Dance Tour uqhubekile ngaphandle kwakhe e-Amphitheatre, eThekwini.
Kuvuke umunyu kuleli thimba labantu abazivocavocayo ngesikhathi uYolanda ecela ukuthi babambe umkhuleko omfishane ukufisela uSbahle ukuthi alulame ngokushesha. Uhlulekile ukuzibamba wakhihla isililo ngesikhathi echaza isimo ambone ekuso esibhedlela. Echazela ithimba uthe ubonga uNkulunkulu ukuthi uSbahle usephumile kwikhoma kodwa usaphefumula ngamapayipi.
Uthe ngokubonisana nomndeni ubone kungcono ukuthi aqhubeke nalo mcimbi obesekunesikhathi bewuhlela noSbahle.
“Ngiqhubeke nayo i-bootcamp yize ingasamile ngendlela ebesiyihlele ngayo noSbahle. Besifuna indlela yokukhombisa ukuthi sinaye ngokomoya. Ngiyazi ukuthi ungumuntu oyimelayo into ayiqalile. Bengingafuni ukuthi kuthunazeke igama lami naye ngoba bekuzocwila izimali zabantu uma umcimbi ungaqhubeki,” kusho uYolanda.
Ubonge abantu abakwazile ukuzoseka lo mcimbi wanxusa ukuthi baqhubeke bambeke emthandazweni uSbahle.
Uyise kaSbahle, uSbu Mpisane uqinisekisile ukuthi bamvumelile uYolanda ukuthi aqhubeke nalo mcimbi ngaphandle kukaSbahle.
Ephawula ngoSbahle uthe kusenzima kodwa banethemba lokuthi kuzolulameka.
“Usanda kuphuma ethiyetha.
"Odokotela bajabule ngenqubekela phambili abayibonayo empilweni yakhe,” kusho uMpisane.
Uthe babonga kubo bonke ababasekayo kulesi sikhathi sobunzima ababhekene naso.
Khomanjalo, kusuke isidumo esinamandla ezinkundleni zokuxhumana iFacebook noTwitter ngoLwesihlanu kulandela ukuthi inkampani yabangcwabi iDoves Funerals ifake isithombe sikaSbahle sihambisana nomlayezo othi “Siyakuthandazela Sbahle Mpisane”.
Iningi labantu eliphawulile lizwakalise intukuthelo yalo ngesenzo sabakwaDoves, besolwa ngokungabi nazwelo.
Abebephendula bebebuza ukuthi ingabe bamthandazela ukuba ashone yini yikhona ezoba yikhasimende labo noma aphile yini.
Ngokuhamba kwesikhathi basisusile isithombe baxolisa.
UMpisane uthe uzwile ngokwenziwe ngabakwaDoves Funerals kodwa wathi ngeke aphawule ngakho.
“Ngeke ngiphawule ngoDoves imiqondo yethu isagxile ekululameni kukaSbahle,” kuphetha uMpisane.