KUKHALWA nxazonke ngesiteleka saseTransnet esimise yonke into emachwebeni aseNingizimu Afrika.
Isikhulu esiphezulu seBusiness Leadership South Africa, uNksz Busi Mavuso, sithe umnotho wezwe ulahlekelwa wuR1 billion ngosuku ngenxa yesiteleka saseTransnet kanti zonke izimboni ziyalahlekelwa ngenxa yalesi siteleka.
Ucele zonke izinhlaka ezithintekayo ukuthi zisheshe zithole isixazululo salesi siteleka ngoba uma siqhubeka, umnotho wezwe uzowa bhu phansi.
UMnuz Christo van der Rheede, we-AgriSA uthe bayathemba isiteleka sizoshesha sixazululeke ngoba abalimi abakwazi ukuhambisa imikhiqizo yabo, okubalwa amajikijolo, ama-orintshi nokunye abakuthumela phesheya.
Uthe abakwazi nokuthola imikhiqizo abayilindele, abale kuyo umanyolo nokunye abalimi abakuthenga phesheya.
Ubalule ukuthi kumi yonke into ezweni ngenxa yamachweba angasebenzi.
ISouth African Berry Producers Association ithe ingaphezu kuka-30 000 imisebenzi esengcupheni kulo mkhakha ngenxa yesiteleka saseTransnet.
Ithe uma ithumela amajikijolo echwebeni kufanele asheshe akhishwe emalolini, ahanjiswe emazweni ahlukene.
Izolo bekungahambi lutho emachwebeni aseNingizimu Afrika, amaloli ebengakwazi ukungena njengoba abasebenzi beqhubeka nesiteleka.
ISouth African Transport and Allied Workers Union (Satawu) isikhahlele ngazo zombili isiphakamiso sakamuva seTransnet sokunyusa amaholo ngo-4.25% kuya ku-5% njengoba abasebenzi befuna u-12% kuya ku-13%.
UNobhala Jikelele weSatawu, uMnuz Jack Mazibuko, uthe isiphakamiso sakamuva seTransnet sifana nenhlamba ngoba umqashi wazi kahle ukuthi amandla emali (inflation rate) aku-7.6%.
Uthe iTransnet ifuna ukunyusa amaholo ngale ndlela:
-grade G no-H 4.25%, grade I no-J 4.5% bese ugrade K no-L kuhlongozwa ukuthi bazonyuselwa ngo-5%.
Kulindeleke ukuthi kunyuswe nesibonelelo sezindlu, esemedical aid nesokusebenza ebusuku sinyuke ngo-1%.
Uthe isiteleka siyaqhubeka kuzo zonke izikhungo zaseTransnet ngoba abasebenzi basalinde umqashi ukuthi eze nesiphakamiso esingcono.
Uveze ukuthi iSatawu isibhalele uMengameli Cyril Ramaphosa, uNgqongqoshe wezeziMali uMnuz Enoch Godongwana nowamaBhizinisi kaHulumeni uMnuz Pravin ukuba bangenelele.
Sekuze kwangenelela noNgqongqoshe wezemiSebenzi uMnuz Thulas Nxesi, ukuba azame ukuhlalisa phansi zonke izinhlaka ukuze kutholakale isisombululo.
Esitatimendeni, iTransnet ithe izigxoxo zamaholo zizoqhubeka namhlanje kanti izothumela eminye imininingwane ngokuhamba kwesikhathi.