ISILO uMisuzulu kaZwelithini umenywe ukuyothamela ibhola leNdebe yoMhlaba eQatar.
Lokhu kuvezwe wuNdunankulu kaZulu, iNkosi Mangosuthu Buthelezi esitatimendeni esithunyelelwe abezindaba ngoLwesibili.
UButhelezi uveze ukuthi ngeSonto uthole umbiko wokuthi iSilo sithole isimemo kwesinye sezikhulu zebhola ukuthi size nabantu abambalwa ukuzothamela imidlalo yeNdebe yoMhlaba ezoqala ngoNovemba 20.
“Kuthangi ngibikelwe yindodana yami, uMntwana uNtuthukoyezwe. Ungibikele ukuthi kade ecosha ucingo kulo omunye kwababili abangunge iSilo. Uthe iSilo sithe kuye atshene uNtuthukoyezwe ukuthi angazise ukuthi simenywe ngomunye wezikhulu zebhola lomhlaba ukuba sibesemdlalweni njengoba uzoba ezweni lase-Qatar,” kusho uButhelezi.
Uthe iSilo simenywe noyedwa wesilisa osikhaphayo, noyedwa wesifazane ozobe ephelekezela uNdlunkulu uKaMayisela.
“Ngibone kufanele lo mlayezo weSilo ukuba ngiwedlulisele esizweni ngoba ngibone ngingaba necala esizweni nxa iSilo sesingithumelele wona, ngingawedluliseli esizweni ngoba Ongangezwe esengithumelele lo mlayezo,” kusho uButhelezi.
Uthe ukubone kufanele ukuthi awedlulisele lomyalezo esizweni njengoba lolu kuwuhambo olusezingeni lomhlaba wonke jikelele.
Umdlalo wokuqala uzoba ngeSonto ngoNovemba 20. Uzobe uphakathi kwayo iQatar, okuyizwe elisingethe le midlalo, ne-Ecuador.
Le midlalo kulindeleke ukuthi ithathe isikhathi esicishe sibe ngangenyanga njengoba iyoze iphele ngoDisemba 18.