UCHAZWE njengomuntu obemnene futhi ewukhathalele umsebenzi wakhe, umculi wombhaqanga odlule emhlabeni, uBhekezakhe Mthembu (59) ngemuva kokuhlatshwa wukugula.
Okhulumela abangani nomndeni, uMusa Madlala odume ngekhehla eliphethe isitayela uthe uBhekezakhe ushone ngoMsombuluko ngemuva kokuhlabeka.
Uthe bagqemeke engeqiwa ntwala endimeni yombhaqanga. Echaza umculo wakhe uthe wayeyinkinga kakhulu ngoba ontanga ngaleso sikhathi wayebadlisela ogageni.
“UMorris (igama eyembiza ngalo) ubeyindoda ebikhonze ukuzihlekela, ingenanxa namuntu, ukudlula kwayo emhlabeni kushiya esikhulu isikhala ngoba kimi ibifana nobhuti, ibingumuntu othanda abantu nomculo wakhe. Kubuhlungu kithi kodwa sithi uyibekile induku ebandla uMvelase.
“Umculo wawuqala ngeminyaka ka-1970 eculela iqembu iMadlala Brothers elalishisa izikhotha ngaleso sikhathi. Ngabo- 1980 uke wacula eqenjini elibizwa ngaBakhwenyana, okuthe ngokushona kowayecula phambili, kwasekuba nguyena ocula phambili.
KuBakhwenyana wakhipha ama-albhamu amabili, ethi Ubani Okholwayo, nethi Things are Bad,” kusho uMusa.
Uzofihlwa ngoMgqibelo ekhaya eDududu.
“Sithi bonke abathandi bomculo woMbhaqanga abaphelele eDududu ukuzofihla iqhawe labo ngoba lidlale indima enkulu ekuthuthukiseni lomculo wabo,” kusho uMusa.