ISILO, uMisuzulu kaZwelithini sihlabeke umxhwele ngokuvulwa kwezitolo zaphesheya kwezilwandle enxanxatheleni yezitolo i-Oceans Mall eMhlanga, okudale amathuba omsebenzi.
Uthe uyaziqhenya ngethimba elikwaze ukwenza umsebenzi wokuheha lezitolo ukuba zizotshala imali kuleli ngempumelelo.
Ubesho lokhu ngoLwesihlanu ngesikhathi kuvulwa ngokusemthethweni izitolo i-Gucci, Dolce & Gabbana, Versace neBurberry.
Uthe waba nenhlanhla ngesikhathi kusaphethe iSilo esesabuza, uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu ukuthi ahlale kweminye yemihlangano lapho kwakudingidwa khona leprojekthi esithela izithelo njengamanje.
“Kuyayijabulisa inhliziyo yami ukubona ugcwaliseka lomsebenzi manje. Ayikho into enzima njengokuhlanganisa icebo kodwa kubamnandi uma seliphumelela,” kusho iSilo.
Uthe kuyajabulisa ukwazi ukuthi lesi sakhiwo sesilethe inqwaba yamathuba omsebenzi.
“Inqwaba yemindeni isizokwazi kuthola isinkwa ngamathuba omsebenzi azodaleka ngokuvulwa kwalezi zitolo,” kusho iSilo.
UMnuz Vivian Reddy osekhaleni lalentuthuko uveze ukuthi kudaleke amathuba omsebenzi angu-4 750 ngokwakhiwa kwenxanxathela yezitolo.
Uthe kuwona kube angu-3 500 esikhashana bese kuba angu-1 250 angunomphelo.
“Sibe nezikhathi ezinzima siyisifundazwe lapho kwaba khona izibhelu zikaJulayi saphinde saba nezikhukhula ezashiya kukhalwa kodwa yize kunjalo lezi zinkampani ziqhubekile nokuma ekutheni zizotshala imali ezweni lethu. Ukuqhubeka kwabo nokuza bezotshala imali ezweni lethu kukhombisa ukuthi linabantu abazithembayo,” kusho uReddy.
Kungokokuqala ngqa KwaZulu-Natal ukuthi kube nenxanxathela yezitolo ekwazi ukuheha izitolo ezingu-12 zaphesheya kwezilwandle ukuthi zizotshala imali kulesi sifundazwe.
Ilinganiselwa kuR300 million imali etshalwe yilezi nkampani kulenxanxathela yezitolo.