SICHITHWE nezindleko isicelo esiphuthumayo samalungu eqembu Umkhonto weSizwe, axoshwe ePhalamende yileli qembu.
La malungu angu-10 aya enkantolo enkulu yaseWestern Cape, efuna kumiswe ukufungiswa kwamalungu amasha ezikhundleni zawo.
Abefuna kubuyekezwe nendlela axoshwe ngayo kuleli qembu njengoba athola izincwadi ezivela ePhalamende, ziwazisa ngokuthi buhoxisiwe ubulungu bawo yi-MK.
Esinqumweni esikhishwe yinkantolo ngoMsombuluko, kuvele ukuthi isicelo esiphuthumayo sala malungu sichithwe nezindleko.
La malungu ayekhale ngokuthi uma echithwa kuzodingeka aphume ezindlini zePhalamende lapho eqube khona.
Abekhala ngokuthi awazange anikwe izizathu zokuhoxiswa kobulungu bawo.
Asola umholi waleli qembu, uMnuz Jacob Zuma, ngokuba undlovukayiphikiswa ngokumane awaxoshe noma yikanjani kungazange kuhlale ngisho isigcawu sokuqondisa kwawo ubugwegwe.
Phambilini, uZuma ubelokhu ekuveza ukuthi bazolokhu bebahosha labo abangafanele ukuba sePhalamende.
Leli qembu lakuveza ukuthi la malungu ayazisiwe ngesikhathi sokufungiswa ukuthi asazosuswa ezikhundleni ngoba kukhona abangena ngomkhoshosho ohlwini lwabantu ababezojutshwa yileli qembu ePhalamende.
Esewonke amalungu axoshwa yi-MK ePhalamende angu-18.