ISIMO sesiqala ukubuyela kwesijwayelekile eMnambithi maphakathi nesifundazwe saKwaZulu-Natal, emva kokumiswa kwemeya yase-Alfred Duma ebibhikishelwa kula masonto adlule, uMnuz Vincent Madlala.
Ukumiswa kukaMadlala kumenyezelwe ngoLwesihlanu ngemuva kokuthi umphakathi umsole ngenkohlakalo nokubhebhethekisa udlame lwamatekisi endaweni kodwa yena uyazichitha izinsolo, uthi zezinzwa ngabantu abamzondayo abafuna ukufeza izinhloso zabo.
Aqalile ukusebenza amatekisi ngoMgqibelo emuva kokumiswa kukaMadlala, onikwe ikhefu lezinyanga ezimbili. Kuvele ukuthi zizoqala izifundo namhlanje emva kokuphazamiseka cishe amasonto amabili ngenxa yemibhikisho yomphakathi ebihlose ukukhipha uMadlala esihlalweni.
Izolo edolobheni amatekisi abebonakala esebenza nomphakathi uphithizela khona kanti nezinye izitolo ezimbalwa bezivuliwe yize bekuyiSonto.
Umfundi esikoleni iLadysmith High, uSiyanda Mchunu, uthe batshelwe ukuthi bayabuyela esikoleni kusasa (namhlanje) njengoba uMadlala esesukile okwesikhashana esikhundleni.
“Abafundi abaningi badiniwe njengoba sibuyela esikoleni bebejabulela ukuhlala emakhaya bathi kungcono ukube bazoze babuyele esikoleni uma sekubuywa emaholidini ekota yokuqala,” kusho uSiyanda.
Uthe bayathemba ukuthi othisha bazobalekelala ukuze bakhave isikhathi esimoshekile ngenxa yemibhikisho.
Ilungu lo mphakathi laseZakheni, uNksz Sibongile Mthethwa, lithe ibaphatha kabi indaba yemibhikisho ngoba igcina iphazamisa nabantu abangahlangene nezinto ezisuke zibangwa.
“Thina sizwa kuthiwa uMadlala ukhohlakele, kodwa akekho oke weza nobufakazi bokuthi ukhohlakelele ngempela,” kusho uNksz Mthethwa.
Uthe bayajabula kodwa njengoba isimo sesibuyela kwesijwayelekile ngoba kade bengasakwazi ukwenza lutho.
“Ngilapha edolobheni namhlanje (izolo) kade ngagcina kusukela kuqale imibhikisho bekume yonke into amatekisi engahambi, kuvalwe imigwaqo njengoba manje izimoto seziqalile ukusebenza,’’ kusho uNksz Mthethwa.
Khona ngempelasonto kusabalale inkulumo eqoshiwe ebiphakathi kukaMadlala nomunye wabaholi bemibhikishi uDkt Andile Hlatshwayo, lapho kade ezwakala khona exolisa kumeya ngokumgxoba izinzwane.
Izolo bese kukhombisa ukuthi isimo sesiqala ukubuyela kwesejwayelekile njengoba amatekisi kade ebonakala ethwele abagibeli, ebalethe edolobheni.