SIFE ujuqu isalukazi esishaywe ngesinye sakwamakhelwane ngento ecijile esiphongweni phambi kwabantu.
Umsolwa oneminyaka engu-62 uboshelwe ukubulala umakhelwane wakhe oneminyaka engu-82 esehlakalweni esenzeke ngoLwesihlanu ntambama eBolobedu, eTzaneen eLimpopo.
Umsolwa uzovela nngoMsombuluko enkantolo yemantshi yendawo ngecala lokubulala.
Kuthiwa umufi uye kwamakhelwane wakhe ongumsolwa ngenhloso yokuyobingelela abanye abantu abebekade besegcekeni.
Kungazelele muntu, kuthiwa umufi uhlaselwe umsolwa omshaye ephindelela ngento ecijile esiphongweni wawa phansi.
Okhulumela amaphoyisa esifundazeni eLimpopo, uBrigadier Hlulani Mashaba, uthe amaphoyisa abikelwe ngalesigamek aphuthuma khona. Yilapho efike akhonjiswa umgilwa elele phansi ngomhlane.
“Ubelele phezu kwegazi lakhe ebeligcwele phansi enamanxeba avulekile esiphongweni. Kubizwe abosizo oluphuthumayo abafike bamhlonza njengomuntu oshonele endaweni yesigameko,” kusho uMashaba.
UKhomishana wamaPhoyisa eLimpopo, uLieutenant Thembi Hadebe unxuse imiphakathi ukuba ivikele abangakwazi ukuzivikela emphakathini okubalwa kubona abantu besifazane, izaguga nabathandana nobulili obufana nobabo.