UMASIPALA waseThekwini uthi umphakathi usungaqala uwukhiphe udoti kulandela ukuthi kade uthe awume ukuwukhipha noma uzilahlele wona ezikhungweni olahlwa kuzo.
Imeya yalo masipala uMnuz Mxolisi Kaunda isho lokhu ohlelweni lwayo lokwazisa umphakathi ngezinto ezenzeka kulo masipala oluba kwesinye seziteshi zomsakazo ngoLwesibili.
Uthe ngoMsombuluko kukhona imiphakathi ewukhiphile udoti kodwa wangalandwa, wathembisa ukuthi uzolandwa izolo.
"Umphakathi besiwucelile ukuthi uma ungakwazi, ungazihambisela udoti ezikhungweni olahlwa kuzo, singawukhokhisi ngoba uma uyozilahlela udoti uyakhokha ngokujwayelekile," kusho uKaunda.
Isitatimende esithunyelwe umasipala, izolo sithe uphiko lukagesi lwenza konke okusemandleni ukubhekana nokusilela emuva ekulungisweni kukagesi.
"Sigxile ekubuyiseleni ugesi kumakhasimende asenezinsuku eziningi engenawo ugesi, kodwa-ke amaphutha kagesi asanda kufakwa nawo siyawabhekwa," kusho isitatimende.
UKaunda uthe ukucisha kukagesi kwezinye izindawo kudalwe izinkinga zawo, kodwa okunye kwenziwe ngamabomu njengoba bekunesiteleka sabasebenzi abangaphansi kwe-SA Municipal Workers Union (SAMWU).
"Sicela umphakathi usebenzisane nathi ngokuthi unciphise imibhikisho enodlame, ehlanganisa ukuvalwa kwemigwaqo, okubambezela abasebenzi uma beyolungisa inkinga yamanzi nogesi ezindaweni ezingenawo," kusho uKaunda.
Uthe ezindaweni ezifana naseDube Village, KwaMashu, eLindelani ugesi ubuyile ngempelasonto kodwa zikhona izindawo ongakalungiswa kuzo ezifana naKwaMakhutha nezinye eziseningizimu.
Khonamanjalo, inhloko yophiko lukagesi kulo masipala uMnuz Maxwell Mthembu, inikwe incwadi yokuthi isizomiswa emsebenzini ngenxa yokwehluleka kwakhe ukuxosha abasebenzi bophiko lwakhe ababambe iqhaza esitelekeni esingavikelekile.
Umasipala usuxoshe abasebenzi abangaphezu kuka-81 abebesesitelekeni kanti abanye abangu-88 bamisiwe, basazothamela izigcawu zokuqondiswa kwezigwegwe.
UNkk Gugu Sisilana okhulumela umasipala, uthe umasipala awuzikhulumi izindaba ezithinta abasebenzi nabezindaba.