KUBHUJIWE ezingozini zomgwaqo eNingizimu Afrika ngamaholidi kaDisemba njengoba isibalo senyukile saba ngu-1 502 ezingozini ezingu-1 234.
Isibalo sabafile sinyuke ngo-70 noma u-5.3% uma kuqhathaniswa noDisemba ka-2023. Isibalo sezingozi okuphume izidumbu kuzo sinyuke ngo-4.2% noma u-50.
Lezi zibalo zethulwe wuNgqongqoshe wezokuThutha, uNkk Barbara Creecy, eRonnie Mamoepa Media Centre, ePitoli, ngoMsombuluko ekuseni.
Uthe iseyinde indlela okumele ihanjwe ekunciphiseni ukufa kwabantu nezingozi emigwaqweni kuleli.
“Abashayeli bayaqhubeka nokungayihloniphi imithetho yomgwaqo,” kusho uNkk Creecy.
Uthe kuyabakhathaza ukufa kwabahamba ngezinyawo njengoba u-41% wezibalo kuyibo.
“Isibalo esiphezulu sabafile abahamba ngezinyawo baseGauteng, Western Cape naKwaZulu-Natal,” kusho yena.
Uthe amaphoyisa akhiphe amathikithi angu-711 000 ngamacala ehlukene.