“NAMI sengizoke ngithole isikhathi esanele sokuthi ngidumise uNkulunkulu, ngiye enkonzweni njalo ngeSonto."
Usho kanje owayenguMengameli wezwe uMnuz Jacob Zuma ngesikhathi esenkonzweni ebandleni iMpaphala Congregational Church, engaphansi kwe-United Congregational Church of Southern Africa (UCCSA).
Leli yibandla uZuma asezinikele kulona ngokugcwele, okuyinto ethokozise amalungu aleli bandla ikakhulukazi kuleli Sekethe. Inkonzo beyisesakhiweni saleli bandla esikhona eMpaphala, eShowe, oGwini olusenyakatho yeKwaZulu-Natal.
UZuma uthe ngesikhathi esanguMengameli wezwe, ubematasa kakhulu ejikeleza umhlaba wonke. Uthe kungaleso sizathu bekungelula nhlobo ukuba nesikhathi esanale sokuya enkonzweni njalo ngamaSonto.
Uthe akufisayo manje ukubuyisa leso sikhathi esilahlekile ngesikhathi esematasa esebenzela iNingizimu Afrika.
“Ngiyajabula kakhulu ukuhlanganyela nabazalwane nami. Njengamanje ayikho into engiyicabangayo ngaphandle kokuthi sengizoke nami ngithole isikhathi sokuba ngikhonze uNkulunkulu ngesikhathi esanele,” kuchaza uZuma.
Kuvelile lapha ukuthi uMsholozi usezibuyisele kabusha kuleli bandla owabe evele ekhonza kulona kodwa wabuye wanyamalala ngenxa yokuba matasa.
UZuma ufike ehamba nomunye wamakhosikazi akhe, uNkk Thobeka Zuma (oKaMadiba) yena oyilungu lokuqina lamaSheshi ngaphansi kweDayosisi yaseNatal eyenganyelwe nguMbhishobhi Dino Gabriel.
UZuma akagcinanga ngokuzibuyisela ngokugcwele kuleli bandla, uphinde wajoyina nombutho waleli bandla owaziwa kakhulu ngelamabutho nogxile kakhulu ekufafazeni ivangeli ngenhloso yokusondeza kuNkulunkulu labo abangakholwa.
UMholi weSekethe yaseMpaphala, uMfu Mthobisi Sibanda, uthe kuyisibusiso esikhulu ukubona leli bandla lijoyinwa nguMsholozi.
“Ngizizwa ngithobekile ukubona iSekethe engiliholayo selijoyinwe nguMsholozi,” kusho uMfu Sibanda.
Ephetha uthe umbutho ojoyinwe nguMsholozi ungeminye yemidala nongumgogodla waleli
bandla.