SELIDLULISELWE eNkantolo eNkulu yaseThekwini icala lokusocongwa kwephoyisa loMkhandlu weTheku, uCaptain Thomas Zwelakhe Ntombela.
Lokhu kuvezwe uMshushisi u-Advocate Lungelo Nsibande izolo ngesikhathi abasolwa abathathu kuleli cala bevele eNkantolo yeMantshi yaseMlaza.
Umufi wahlaselwa wadutshulwa esemzini wakhe okwa-S, eMlaza ngoMeyi 3 ngonyaka owedlule.
Waphuthunyiswa esibhedlela eSiphingo Medical Towers nokuyilapho okwafike kwamenela khona.
Ngemuva kwalokho kwaboshwa inkabi, uSipho Ntombela okunguyena owadubula.
UNtombela kwathi esevela eNkantolo yaseThekwini wageqa amagula, watshela inkantolo ukuthi uyalivuma icala.
Wadalula ukuthi wayekade ethunywe yinkosikazi kamufi, uNkk Nongcebo Faith Ntombela ukuba asoconge umyeni wakhe.
Ngemuva kwezinyanga ezimbalwa, uNkk Ntombela wakhalelwa ngamasongo kaSigonyela benoMnuz Sithembiso Justice Khumalo njengoba kwavela ukuthi babesebenzisana ekuhleleni itulo lokusocongwa kukamufi.
UKhumalo unguthishanhloko esikoleni saKwaMaphumulo, iMpumulwane Primary.
Ngokuhamba kwesikhathi kwavela negama lenkabi eyesatshwayo KwaZulu-Natal evele igwetshiwe, uKhulani Cele ukuthi nayo ibibandakanyeka kuleli cala.
Bobathathu bagqigqa inkantolo, uKhumalo ungaphandle ngebheyili, uNkk Ntombela inkantolo yamnqabela ibheyili.
UMshushisi izolo utshele inkantolo ukuthi konke sekumi ngomumo ukuthi leli cala selingadluliselwa eNkantolo eNkulu yaseThekwini ukuze liqale ukuqulwa.
"Namhlanje ngiyaqinisekisa ukuthi leli cala sekuphothuliwe okuningi okumayelana nalo. Ngakho-ke selingadluliselwa eNkantolo eNkulu yaseThekwini,'' usho kanje.
IMantshi uNgcobo ibe seyimemezela ukuthi leli cala lidluliselwa eNkantolo eNkulu yaseThekwini ngoJuni 13.
"Nobathathu nizovela eNkantolo eNkulu yaseThekwini ngalolu suku osekuvunyelwene ngalo,'' usho kanje.
UMnuz Nkosinathi Ntombela oyiwele likamufi uthe kubajabulisile ukuthi ekugcineni leli cala selize ladluliselwa eNkantolo eNkulu.
"Kade siwulindile lo mzuzu wokuthi leli cala lithuthe lapha eMlaza liye eThekwini. Siyathemba ukuthi azophuma wonke amaqiniso uma seliqulwa eThekwini,'' echaza.
Njengenjwayelo ngaphandle kwenkantolo amalungu omphakathi abegcwele.
Abameli babasolwa bobathathu bathe bagculisekile ngokuthi leli cala selingadluliselwa eNkantolo eNkulu yaseThekwini.