WEPHUKE umoya omunye wemindeni yabesifazane ababili ababengabangani, ababulawa ngesihluku eKenville, eThekwini, ukubona obengumsolwa, osephenduke ufakazi woMbuso, ongaphandle ngebheyili efake isithombe sakhe kuTiktok, sihambisa nezwi elikhuluma amagama alumelayo kubona.
Kulesi sithombe, uMnuz Sandile Chili, obengumsolwa wesibili kuleli cala, udlulisa umyalezo wokuthi yena “uwuphunyuka bemphethe”.
Izwi eliqoshiwe elihambisana nalesi sithombe liqhubeka lithi: “Futhi ngathi ngibuya sengishisa kakhulu. Bengithi angiveze isithombe sokuthi ngisekhona”.
Ithukuthelise imindeni wabagilwa i-video eyenziwe ngomunye wabasolwa ababili ecaleni lokubulawa kwabesifazane ababili eKenville Ngonyama odlule pic.twitter.com/rqlZoFlQUh
UChili wadedelwa ngebheyili kaR5000 ngo-Okthoba ngonyaka odlule. Inkantolo yabe isiveza ukuthi iyawahoxisa wonke amacala abekwe wona, imphendula ufakazi wombuso, emva kokuthi evele waninda ngecala umngani wakhe uMnuz Lungani Mthethwa, ongummangalelwa wokuqala kuleli cala, ngesikhathi efaka isicelo sebheyili.
Abafi ababengamathe nolimi, uNksz Anele Mbokazi (29) noNksz Zizipho Gabisa (30) balandwa uMthethwa noChili emakubo eRiverview, eVerulam ngo-Agasti 24, 2024. Izidumbu zabo zatholwa zidindilizile, zinamanxeba okudutshulwa emgwaqweni eKenville ngo-Agasti 25, 2024.
Leli cala liyabuyela eNkantolo eNkulu yaseThekwini ngoMsombuluko ozayo, Mashi 10.