IPHINI likaMengameli we-ANC nezwe uMnuz Paul Mashatile, lithi sekuyisikhathi sokuthi izwe lizimele, lingathembeli kwamanye amazwe abefaka imali yokuxhasa ezintweni ezehlukene.
UMashatile uthe abantu basazoyithola imishanguzo yabo, phezu kokuba iMelika eholwa nguMnuz Donald Trump, inqamule uxhaso lwezinhlelo zezempilo ebezisiza ekulweni nokusabalala kwegciwane i-HIV.
"IMelika inqamule uxhaso kodwa abantu basazoyithola imishanguzo yabo. Sekuyisikhathi sokuthi sizimele, sizenzele izinto siyizwe, singathembeli kwamanye amazwe. Kumele sizihlelele lezi zinto ebesixhaswa ngazo amanye amazwe," kusho uMashatile.
Ukusho lokhu izolo eKapa ekhuluma ngesikhathi kunesikhumbuzo sesishoshovu somzabalazo uMnuz Solomon Kalushi Mahlangu, owalengiswa nguhulumeni wobandlululo ngo-1979.
UMashatile uthe bayaqhubeka nemithetho efana nowokuthathwa komhlaba kanjalo nothinta izikole kanjalo neyomshwalense wezempilo.
"Kukhona abangafuni siqhubeke nalezi zinto, kodwa thina sqhubekela phambili. Ngalokhu sikhumbula iqhaza likaMahlangu emzabalazweni, owafa ukuze izwe likhululeke. Abangayifuni le mithetho abahambe bayoshona," usho kanje.
Khonamanjalo iPhini likaSihlalo we-SACP uMnuz Thulas Nxesi, likhale ngokuthi bafa sebedla imbuya ngothi abalwela inkululeko kuleli ababengamalungu oMkhonto weSizwe.
Lezi zishoshovu uthe zifa zingenamizi, zingenamali kanti azikwazi nokuphilisa imindeni yazo ekubeni inqwaba yazo yafela inkululeko.
UNxesi uthe kumele kwenziwe okuthile ngokushaywa indiva kwalezi zishoshovu.
"Kuyasikhathaza ukuthi amalungu eMK, afa engenalutho. Sikukhohliwe abakwenza belwela ukuthi izwe likhululeke, manje abanakiwe," kusho uNxesi ekhuluma emangcwabeni okwafihlwa kuwona uMahlangu ePitoli.
Ukhale ngokuthi uMahlangu ngabe uthini manje njengoba isimo sezwe sinje.
Ugxeke i-DA ngokuthi inyoka ezovukela i-ANC bese iyiqhoboza okhethweni oluzayo.
"Akuyona kuphela i-AfriForum nezinye izinhlangano zamaBhunu eziyingozi kodwa ne-DA iyingozi. Kumele iqashwe ngelokhozi i-DA ngoba iyingozi," usho kanje.
Ukhale ngokuthi akukwazi ukuthi namanje emuva kweminyaka engu-30, kusakhulunywa udaba lomthetho womhlaba.
"Indaba yomhlaba kumele ngabe ayisaxoxwa, emuva kweminyaka engu-30 izwe lakhululeka. Umhlaba kumele ngabe usukubantu, hhayi indaba yokuthi kusakhulunywa indaba yawo."
Uthe kumele sizibuze ukuthi bakuphi abantu abangu-11 million, abangayivotelanga i-ANC.
"Abelungu bavotelana bodwa, baphuma ngobuningi babo futhi. Thina kumele sizibuze ukuthi baphi laba bantu abangaka abangasivotelanga,?" kusho uNxesi.