SEZIQALILE ukufunda izikole zaseNanda ezidume ngemiphumela ka-matric emihle, njengoba zithi zifuna ukuthi baphase bonke abafundi kulo nyaka. Sekuyisonto lesibili abafundi baka-matric baseJG Zuma High naseMqhawe High beqale ukufunda.
Isolezwe livakashele lezi zikole ngoMsombuluko, kusha umsebenzi kothisha abathe balwela ukuthi kwenyuke imiphumela. UMnuz Thembokuhle Mthembu onguthishanhloko eJG Zuma, uthe imiphumela ka-matric wanyakenye ephume ngoLwesihlanu ibafice bevele sebefunda njengoba bevule ngoLwesithathu olwedlule. Lesi sikole sithole u-97.4% ku-matric, okukhombisa ukunyuka uma kuqhathaniswa no-95% wango-2016.
“Kufeyile abafundi abahlanu kuphela futhi yilabo abebevele benezinkinga, bengenzi kahle. Isikole singena ngo-6 ekuseni njengoba sesiqalile ukufunda ngoba sifuna ukubuyela ekutholeni u-100% esawuthola ngo-2013. Sizoqhubeka nokufundisa ngezimpelasonto nangamaholidi. Uma sekuzobhalwa isikole sizosiphendula i-boarding school ngoba abafundi bazobe sebehlala khona esikoleni betadisha,” kuchaza uMthembu.
Uthe unethemba elikhulu lokuthi bazobuyela ku-100% ngoba imiphumela yangonyaka odlule inyukile. Bangu-76 abafundi abaphase ngeBachelor, kwathi abangu-51 bathola o-A. Kuphinde kwaba nabafundi abavelele, okunguSthandile Ncwane othole o-A abayisikhombisa noMgcini Mhlophe othole abayisithupha. Imiphumela yaseJG Zuma yenze ukuthi lesi sikole siphume phambili kweziphase kahle ezikoleni zaseNanda.
Uthishanhloko waseMqhawe, uMnuz Sipho Mthembu ukhale ngabafundi ababeduduliwe athe yikona okwenze bangaphasa ngezinga abebelilindele ngonyaka odlule. Nakhona baqale ukufunda ngesonto eledlule futhi kufundwa amahora aphelele.
Isikole sithole u-71.6% ngonyaka odlule, sisuka ku-69% ngo-2016. Lokhu kubuyise ithemba kuMthembu othe uzimisele ukuthi bathole okungenani u-90% nonyaka.
“Nginesiqiniseko sokuthi abafundi baka-matric balo nyaka bazokwenza kangcono kakhulu, banyuse nemiphumela. Sikhethe ukuthi sisheshe sivule ukuze sizihlelele ukusebenza kanzima unyaka wonke.
Sinabafundi esiziqhenyayo ngabo abakhiqizwa yilesi sikole emlandweni kanti sifisa ukukhiqiza nabanye,” kusho yena.