UMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal unxusa abazali nababheke izingane ukuba baqinisekise ukuthi abafundi babhalisela ukufunda ngonyaka ozayo njengoba sekuvulilwe ukufaka izicelo zokubhalisa.
UNgqongqoshe wezeMfundo kulesi sifundazwe, uNkk Mbali Frazer, uthe ukufaka izicelo zokufunda ngonyaka wokufunda u-2024 kuvulwe ngo-Ephreli 12, kanti kuzovalwa ngoSepthemba 30.
Uthe leli thuba livulelwe kakhulukazi abafundi abafuna ukwamukelwa ezikoleni lapho bezofunda khona uGrade1 noGrade 8, abazali abafisa ukubhalisa abafundi amanye amabanga kwezinye izikole, uthe kumele bafake izicelo zabo ngokushesha.
"Izicelo ezifakwe sekudlule isikhathi ezizocutshungulwa noma seludlulile usuku lokuvalwa, ngezabafundi abafake izicelo ngoba abazali babo beshintshe imisebenzi. Kufanele kube nobufakazi bencwadi ephuma kumqashi echazayo. Ezinye izicelo ezizocutshungulwa uma zifakwe sekudlule ngemuva kosuku lokuvalwa, ngezabafundi abashonelwe ngabazali noma ababebagadile, sekumele bashintshe izindawo zokuhlala," kusho yena.
Uthe kubalulekile ukuthi abazali babhalise abafundi kusenesikhathi ukuze kugwenywe olayini abade babafundi nabazali abasuke bezofuna izikhala zokufunda ngosuku lokuqala lokufunda.
“Sinxusa abazali noma ababheke izingane ukuthi babambisane nomnyango ngoba sifisa ukuthi usuku lokuqala lokufunda ngonyaka ozayo kube ngolokufunda, hhayi olokwenza imisebenzi engenasidingo ephathelene nokwamukelwa kwabafundi,” kusho uNgqongqoshe uFrazer.