SEZINGENE kwelinye igiya izinkinga zeNFP ngemuva kokuthi sekuphele izinyanga eziyisikhombisa abasebenzi basehhovisi kuleli qembu bengaholi.
Abasebenzi abaningi abakhulume neSolezwe kodwa bacela ukuthi bangadalulwa bakhombe ngenjumbane uMgcinimafa-jikelele weqembu, uMnuz Emam Manzoor bathi uyena ongafuni bahole.
“Singabasebenzi basenhlokohhovisi eThekwini sekuphele izinyanga eziyisithupha singaholi, kodwa thina singconywana ngoba kwezinye izifundazwe khona sekuphele unyaka umholo bengawazi,” kusho omunye wabasebenzi.
Uthe sebekhathele ukubanjiswa udonga ngemiholo yabo. “Siyazi khona ukuthi iqembu like langaba nayo imali isikhathi eside lilinde imali yakwa-IEC, imali ifikile ezinyangeni ezimbalwa ezedlula kodwa mananje asikaholi."
Uthe babethenjiswe ukuthi bazoholelwa zonke izinyanga abakweletwa zona uma sekungene imali yakwa-IEC.
Ethintwa uManzoor izolo, uthe uyalwazi udaba lwabasebenzi abangaholile wathi bayalulungisa. “Nami ngiqokwe njengoMgcinimafa ezinyangeni ezimbili ezedlule, ngingene kuvele kukhona izinkinga engisazama ukuzilungisa."
Uthe uthole ukuthi abasebenzi abaningi bayazilovela.
“Ngithumele kaningi abantu kukhona izinto engizifunayo eThekwini, umuntu ebengimthumile angitshele ukuthi akukho muntu ehhovisi, manje ngeke ngize ngikwazi ukukhokhela abantu abangasebenzi."
Uthe kuwumsebenzi wakhe ukuthi avikele imali yeqembu noma ngabe kuthiwa ivela kuphi. “Le mali ekhona ivela kwa-IEC kusho ukuthi imali yabakhokhibentela ngeke ngize ngiyinike abantu abangasebenzii."
Uthe enye inkinga ekhona ukuthi abasebenzi abakazisayini izincwadi zezivumelwano zokusebenza ababanika zona.
Ilungu lesigungu sikazwelonke sesikhashana leNFP, uMnuz Bhungu Gwala, lithe bayalwazi udaba lokungaholi lwabasebenzi. “Ubuholi obuphezulu bathatha isinqumo sokuthi baholelwe abasebenzi, asazi ukuthi yini ebambile manje."
Uthe iyingozi indaba yokungaholi kwabasebenzi ngoba ibeka engcupheni ikusasa leqembu.
Kwenzeka konke lokhu nje, ngoLwesithathu abasebenzi baseThekwini bathe bayafika ehhovisi bafica kushintshwe izikhiye. UManzoor uthe akanalwazi ngokushintshwa kwezikhiye, wathi uzothumela abantu abazophenya.