SEKUYALUNGA ukubuyiswa kwezidumbu zamasosha aseNingizimu Afrika asale empini eqhubeka eDemocratic Republic of Congo (DRC).
Emva kokubambezeleka kohlelo lokubuyiswa kwezidumbu zamasosha angu-14 okwakufanele zibuyiswe ngesonto eledlule, kube khona umnyakazo ngempelasonto.
Izidumbu zamasosha kwakude kuthiwe zizofika kuleli ngoLwesithathu, kodwa kwabuye kwaba nobuhixihixi ohlelweni lokubuyiswa kwazo oluqhutshwa yinhlangano yezizwe, i-United Nations.
Okhulumela umbutho wezokuvikela kuleli, uMnuz Siphiwe Dlamini, uveze ukuthi izidumbu zamasosha sezithuthelwe e-Uganda, edolobheni i-Entebbe.
Izidumbu zamasosha akuleli zithuthwe kanye nezamasosha aseTanzania nawaseMalawi, nawo asala empini ngesikhathi itholene phezulu namavukelambuso, i-M23.
UDlamini uthe kuzocaca kusasa ukuthi zizodluliselwa nini kuleli izidumbu.
“NgeSonto kuzoqala uhlelo lokuba zihlolwe zonke izidumbu, sibheke ukuthi lolo hlelo luphothulwe ngoLwesibili.”
Namhlanje kuzokuba nenkulumo mpikiswano ePhalamende lapho khona amaqembu ezepolitiki ezobhunga ngalolu daba.
Isicelo sokuba kukhulunywe ngalolu daba sifakwe yi-DA ekhala ngokuthi ifuna izimpendulo ngokujutshwa kwamasosha akuleli e-DRC.
I-DA ikhala ngokuthi uNgqongqoshe woMnyango wezokuVikela, uNkk Angie Motshekga, akazange anikeze izimpendulo ezigculisayo ngesikhathi evele phambi kwekomiti elibhekelele ukusebenza komnyango ngesonto eledlule.
Amaqembu ezepolitiki apheka uNkk Motshekga ngebhodwe elincane, efuna ukwazi ukuthi kuyiqiniso yini ukuthi amasosha ase-DRC awanazo izinhlamu ezanele, ukudla nosizo lwezempilo.
Amaqembu ezepolitiki amaningi afuna ukuthi amasosha atshalwe e-DRC abuye.
Ngempelasonto bekunomhlangano womengameli bamazwe aseNingizimu ne-Afrika kanye nabasemazweni asempumalanga yezwekazi.
Kulo mhlangano kuvunyelwene ngokuthi kubekwe phansi izikhali e-DRC, bese kuba nezingxoxo ezihlanganisa zonke izinhlaka ezithintekayo empini esidonse iminyaka.
Abaholi abebehambele lo mhlangano obuseTanzania, banxuse uhulumeni wase-DRC ukuba ube nezingxoxo nabe-M23.
Abaholi bathe bakhathazekile ngesimo esiqhubeka e-DRC lapho sekushone khona abantu abaningi, nasezibhedlela kuthiwa kugcwele.
Amagama amasosha asale empini,
- Staff Sergeant William Eddie Cola
- Staff Sergeant Molahlehi Ishmael Molahlehi
- Staff Sergeant Shwahlane Theophilus Seepe
- Corporal Matome Justice Malesa
- Corporal Rinae Nemavhulani
- Lance Bombardier Itumeleng Macdonald Moreo
- Lance Corporal Tseke Moffat Molapo
- Lance Corporal Metse Stansly Raswiswi
- Rifleman Sebatane Richard Chokoe
- Rifleman Derrick Maluleke
- Rifleman Tshidiso Andries Mabele
- Rifleman Calvin Louis Moagi
- Rifleman Mokete Joseph Mobe
- Private Peter Jacobus Strydom