Luyaqonga udaba lwabahleli bemicimbi KwaZulu-Natal abasematheni kulezi zinsuku ngezinkulumo abazenze kwiFacebook, njengoba inhlangano yabesifazane kulesi sifundazwe, iKwa-Mthaniya Women’s Activist Movement, isibhalele ihhovisi likandunankulu.
Umholi wale nhlangano, uZibu MaSotobe Sibiya, uthe kumanje kunohlu lwezikhalo lwabesifazane olusayinwe ngabesifazane abangu-3000 abafuna uNdunanku Nomusa Dube-Ncube angenele kulolu daba.
“Sekuyisikhathi eside isithunzi sabesifazane sidicilelwa phansi kusetshenziswa inkolo nesintu. Le nto kudala bayiqala uXolani Mcineka noKini Shandu njengoba banento abayibiza ngesihlahla somganu.
Lapho babekhombisa ukubukela phansi abesifazane. Okubuhlungu kukhuluma abantu abanezingane ngaphandle komshado, maqede bayothatha amatshitshi esontweni.
Uma sebekhuluma bathatha abesifazane abanezingane ngaphandle komshado njengezilwanyazana, njengoba bebabiza ngemidlambila.
Okubuhlungu wukuthi bobabili baphakanyiswe wuhulumeni ngokuxhasa imicimbi yabo. Kumele engabe bayisibonelo esihle kwabanye abesilisa. Bafaka umoya ongalungile ebafaneni abancane, abagcina sebevumelana nabakushoyo kwiFacebook, okuthunaza isithunzi sabesifazane,” kusho uMaSotobe Sibiya.
Encwadini ebhalelwe undunankulu, Isolezwe elinayo ikhophi yayo, bakhala ngokuthi le nkulumo elumelayo kwabesifazane ikhulunywe ngabantu abathola uxhaso kuhulumeni ngemicimbi yabo abayenza minyaka yonke.
UXolani Mcineka uneMpucuzeko Maskandi Festival, uKininonke Shandu unemiklomelo yezindondo zabesifazane, amaSebenza Women’s Awards. Yonke le micimbi ixhaswa wuhulumeni waKwaZulu-Natal ukuthi ibe yimpumelelo minyaka yonke.
Encwadini uMaSotobe Sibiya, uthe bafuna laba bahleli bemicimbi babizwe eshashalazini ukuzochaza ngenkulumo yabo futhi baveze ukuthi bazowulungisa kanjani umonakalo osuwenzekile, kunokuthi bayaxolisa nje kuphela okuyinto enganele.
Uthe ngakolwabo uhlangothi sebevule ne-App lapho abesifazane befaka khona izikhalo ngezimo ababhekene nazo ezindaweni abakuzona ngokubukelwa phansi nokuhlukumezeka.
Umkhulumeli kandunankulu obambile KwaZulu-Natal, uJoseph Cubai ukuqinisekisile ukuthi sebeyitholile incwadi ephuma enhlanganweni yabesifazane, iKwa-Mthaniya Women’s Activist Movement.
“Silungisa isitatimende ngalolu daba. Uma undunankulu esesibonile sizosithumela kwabezindaba, siveze ukuthi simiphi ngalo,” kusho uCubai.
Kuthintwa uKini, uthe njengoba esexolisile akukho okunye asazokusho ngalolu daba.