UNGQONGQOSHE wezokuThutha kuzwelonke, uMnuz Fikile Mbalula, ukushayele elikhulu ihlombe ukwehla kwezibalo zabashone ezingozini zomgwaqo ngamaholidi kaKhisimusi.
UMbalula uveze lokhu izolo, esithangamini sabezindaba emgwaqweni owuthelawayeka uN1, eGoli, eduze kweGrasmere Toll Plaza.
Uthe ngokolwazi abaluqoqile kuzo zonke izifundazwe, kukhombisa ukuthi bangu-1 451 abantu abalahlekelwe yimpilo yabo ezingozini zomgwaqo phakathi kukaDisemba 1 kuya kuJanuwari 11.
Uthe lesi sibalo samaholidi kaDisemba 2022 sehle ngo-13.9% uma siqhathaniswa nesibalo samaholidi kaDisemba 2021, esasingu-1 685.
Ezifundazweni eziyisishiyagalolunye zaseNingizimu Afrika, iGauteng yodwa ebe nesibalo esenyukile sabashone ezingozini zomgwaqo.
I-Western Cape yehle isuka ku-207 yaya ku-131, okungukwehla okungu-36.7%; iMpumalanga yehle isuka ku-189 yaya ku-144, okuwukwehla okungu-23.8%; iNorthern Cape yehle isuka ku-65 yaya ku-51, okungukwehla okungu-21.5%; iNorth West yehle isuka ku-119 yaya ku-94, okungukwehla okungu-21%;
iLimpopo yehle isuka ku-226 yaya ku-179, okungukwehla okungu-20.8%; iKwaZulu-Natal yehle isuka ku-275 yaya ku-240, okungukwehla okungu-12.7%; i-Eastern Cape yehle isuka ku-210 yaya ku-205, okungukwehla okungu-2.4%; iFree State yehle isuka ku-119 yaya ku-117, okungukwehla okungu-1.7%; kwathi iGauteng yenyuka isuka ku-275 yaya ku-290, okungukwenyuka okungu-5.5%.
UMbalula uthe kufanele kubukelwe ezifundazweni ezibe nesibalo esehle ngo-20% nangaphezulu wabantu abashone ezingozini zomgwaqo.
“Lokhu kufanele siqinisekise ukuthi kuyaphindaphindeka nakwezinye izifundazwe ezibukeka zisasilele emuva,” kusho uMbalula.
UMbalula ubuye waveza ukuthi udaba lwabashayeli abahamba ngesivinini esiphezulu lusalokhu luqhubekile nokuba yinkinga emigwaqweni yakuleli.
Uveze ukuthi izibalo zikhombisa ukuthi ngalesi sikhathi samaholidi, bangu-32 110 ababanjwe behamba ngesivinini esiphezulu.
Enza isibonelo, uthe ngoDisemba 22, kwaboshwa umshayeli weVW Golf 7 emva kokubanjwa ehamba ngesivinini esingu-238km ngehora kuthelawayeka uN1, eWierdabrug, eCenturion.“Okubuhlungu ukuthi lo mshayeli wadedelwa ngebheyili kaR1 000,” kusho yena.
Uphinde wathi ngoJanuwari 3, kuphinde kwaboshwa umshayedli obehamba ngo-233km ngehora kuthelawayeka uN4, eBronkhorstspruit, ngasePitoli.
“Ngawo uJanuwari 3, kuphinde kwaboshwa owesilisa owatholakala notshwala obulinganiselwa ku-3,99ml egazini lakhe ngesikhathi efuthiswa amaphoyisa, okuyinani elingaphezu kuka-16,6% ngaphezu kwalelo elivumelekile,” kusho uMbalula.
Uthinte nodaba lweloli ethwala igesi eyabanga ingozi eBoksburg, kwafa abangu-40, wathi kwakungafanele yenzeke.
“Izingozi eziningi zenzeke ngezimpelasonto phakathi kuka-7 ntambama kuya ku-10 ebusuku,” kusho yena.
Uveze ukukhathazeka kwakhe ngamaloli asalokhu eqhubeke njalo nokuba yinkinga emgwaqweni.
Uphinde wathi bazobhekana ngqo nenkohlakalo esezikhungweni zamalayisensi ngoba yiyo eholela ekutheni izwe libe nenkinga yokuba nenqwaba yezimoto ezisemgwaqweni kodwa zibe zingakufanele ukuba khona.
Uthe kunezimoto ezilinganiselwa ku-25 244 ezisemgwaqweni ezingenawo ama-disc, wathi babenezivimbamgwaqo ezingu-474, kwamiswa kuzo izimoto ezingaphezulu kwa-10 ebusuku,” kusho yena.
Uveze ukukhathazeka kwakhe ngamaloli asalokhu eqhubeke njalo nokuba yinkinga emgwaqweni.
Uphinde wathi bazobhekana ngqo nenkohlakalo esezikhungweni zamalayisensi ngoba yiyo eholela ekutheni izwe libe nenkinga yokuba nenqwaba yezimoto ezisemgwaqweni kodwa zibe zingakufanele ukuba khona.
Uthe kunezimoto ezilinganiselwa ku-25 244 ezisemgwaqweni ezingenawo ama-disc, wathi babenezivimbamgwaqo ezingu-474, kwamiswa kuzo izimoto ezingaphezulu kwa-1 million.