SEHLILE isibalo sabantu abafa ezingozini zomgwaqo KwaZulu-Natal uma kuqhathaniswa nesikhathi esifanayo ngonyaka odlule.
Bawu-1 492 abantu abafe ezingozini zomgwaqo uma kuqhathaniswa no-2 032 ngo-2019.
Izolo kukhunjulwe abantu abafe nabalimale ezingozini zomgwaqo KwaZulu-Natal emkhulekweni obuseBergville Sports Complex.
Umkhuleko owaziwa ngeWorld Remembrance Day for Road Accident Victims, waqalwa yi-United Nations ngo-2005. Uba njalo ngeSonto lesithathu kuNovemba minyaka yonke.
Kuhloswe ukuthi ngo-2030 zibe sezihhafuliwe izingozi ezenzeka emigwaqweni ezidlula nenqwaba yemiphefumulo.
Izolo kuqale kwabekwa izimbali eduze komgwaqo uR74 eBingelela, eBergville, lapho kwafa khona abantu abayisikhombisa engozini ngo-2019.
Emkhulekweni wayizolo kukhanyiswe namakhandlela kubongwa amaphoyisa nabezimo eziphuthumayo ngokuzinikela kwabo emsebenzini uma bebizelwa endaweni yengozi, kwabhekwa ukuthi bangasizwa kanjani abavelelwe yingozi nokuthi kuzobanjiswana kanjani ukuze kwehliswe isibalo sezingozi emigwaqweni.
UNgqongqoshe wezokuThutha, ukuPhepha nokuXhumana koMphakathi, uMnuz Bheki Ntuli, ubehola umkhuleko ehambisana nabamabandla ehlukene, amakhansela, amakhosi nezinduna.
UNtuli uthe izingozi zehlile kodwa manje abantu sebefa ngezingozi ezidalwa ngamaloli.
“Ingozi uma ineloli netekisi isuke inabantu abaningi. Izingozi zenzeke eWartburg, oLundi, eMelmoth, naseMtshezi. Ngiwubizile umhlangano wabasembonini yamaloli kodwa angibabizele ukuzobasola bese kuba inkombankombane.”
Uthe umhlangano uzobheka ukuthi bangasebenzisana kanjani ukuze kushayelwe ngokucophelela kwehliswe izingozi.
UNtuli unxuse abantu ukuthi bashayele ngokucophelela futhi bayihloniphe imithetho yemigwaqo njengoba kubhekwe emaholidini kaKhisimusi.
Uthe njengoba uNovemba kuyinyanga yezokuphepha, abantu abaziphathe kahle, bathandane, iyekwe indaba yokubambelana amagqubu kuhlaselwane emakhaya.
Ekhuluma emkhulekweni, uMnuz Samkelo Khumalo, owasinda engozini ngo-Agasti 10, 2019, uthe akasakhumbuli kahle okwenzeka ngoba waquleka.
“Ngikhumbula kancane ngitshelwa wothile ukuthi nginganyakazi ngoba ngizozilimaza. Ngilapha ukuzonitshela ukuthi ikhona impilo emva kwengozi kodwa asilandele imithetho yomgwaqo njengoba injalo. Asibophe amabhande futhi singashayeli siphuze utshwala. Asizibophezele ekuphepheni emigwaqweni ngoba kuwumsebenzi wawo wonke umuntu,” kusho uKhumalo.