ZIKHALE ngobugebengu obuxakile kangangoba sezingenelwa ezindlini yizigebengu zizenzakalise izakhamuzi ezingaphansi kwemiphakathi yasePinetown, eThekwini.
Izakhamuzi zibike ngosizi lwazo kongqongqoshe embizweni kandunankulu elwa nobugebengu enkundleni yezemidlalo KwaNdengezi, izolo.
Abantu bathi ukuxhaphaka kwezidakamizwa nezibhamu emphakathi kunomthelela ekubhebhethekeni kobugebengu.
Bakhale nangokuntuleka kwemisebenzi okwenza intsha iduve emakhaya nokuthi amaphoyisa kawabonwa nangokhalo uma bebika ngobugebengu.
Abanye babike ngokugqoza kwentuthuko emiphakathini nokungalungiswa kwengqalasizinda eyacekelwa phansi yizikhukhula nyakenye.
Omunye wezakhamuzi, uNksz Zanele Mbhele waKwaSanti, eMariannhill, uthe abantu sebebulawelwa ezindlini.
Uthe ubugebengu budlangile ngendlela yokuthi abusabekezeleleki futhi abazi ukuthi bazokhala kubani.
Omunye osekomitini elilwa nobugebengu eMariannhill, ocele ligodlwe igama lakhe, uthe kwayena akalitholi iveni uma eshayela ucingo esiteshini ecela iveni endaweni yesehlakalo.
“Uma ushayela esiteshini akufiki phoyisa, kuvele kuthiwe amaveni awekho. Ukuhamba kukamphathi-siteshi omdala, uNene, kusidalele izinkinga,” kusho yena.
Uzime waKwaNdengezi, uNksz Andiswa Khanyile, ukhale ngenkohlakalo kangangoba kuthi uma efongqa isigqoko kwabasemagunyeni, ecela imali noxhaso ukuze afezekise iphupho lakhe, kube khona abamcela ucansi ngaphambi kokuthi bamsize.
Umfundi ka-matric eThornwood Secondary, ucele uhulumeni abuyise uhlelo lwezemidlalo ezikoleni, kuvumbululwe amakhono entsha.
“Manje abafundi ubafica bencike ngezindonga ezikoleni bebhema. Sicela ukwakhelwa indawo enompheme esikoleni lapho sizokhombisa khona amathalente ethu, hleze ngomuso singaziphilisa ngawo,” usho kanje.
UMnuz Siboniso Duma, onguNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha nokoNgiwa kweMvelo, obemele uNdunankulu uNkk Nomusa Dube-Ncube embizweni, uthe kunamaphoyisa amabili aKwaNdengezi aseboshiwe.
Uthe kumele aboshwe namaphoyisa okubikwa ukuthi asebenzisana nezigebengu ezidayisa izidakamizwa, ezidlwengulayo futhi ezibulalayo.
“Amaphoyisa amaningi enza kahle umsebenzi bese kuba nedlanzana elisebenza nezigilamkhuba ngoba lifuna imali,” kusho uDuma.