SESENYUKELE kwabayisishiyagalolunye isibalo sabashone engozini yomgwaqo eyenzeke emgwaqweni u-N2, kwinhlukana-mgwaqo ephakathi kweCanefields nesiqiwi saseNseleni, ngaseMpangeni, izolo.
Ngikwemibiko, kuthiwa imoto yohlobo oluphakeme (SUV) ishayisane netekisi, abantu abayisishiyagalombili bashonela endaweni yesigameko, kanti oyedwa ushonele esibhedlela eNgwelezane, namhlanje ekuseni.
Kuthiwa phakathi kwabashonile, bayisithupha abesilisa kanti bathathu ngabesifazane. Abanye bayelashwa esibhedlela.
Okhulumela abezimo eziphuthumayo, iKwaZulu-Natal Emergency Services, uMnuz Robert McKenzie, uthe bawu-13 abantu abalashelwe amanxeba okulimala, kusuka kwabathole imihuzuko kuya kwabalimele kakhulu ngaphambi kokuthi baphuthunyiswe esibhedlela esiseduze.
Le ngozi ilandela eduze eyenzeke ngesonto eledlule phakathi kwe-Highflats neXobho, okushone kuyo abantu abangu-12.