SEBELINDE kuthi pe, baqale ukubhala izivivinyo zalo nyaka abafundi bakwa-matric baseMevamhlophe High, eMpangeni, okuyisikole esihlale sithola u-100%.
Laba bafundi bazothi bebuya emaholidini ePhasika babe sebebuyekeza ngokubhala amaphepha agcwele ezifundo zabo abazozibhala njengoba sebephothule isilabhasi.
Ngempelasonto uZungu, Inkosi yendawo, yenze umcimbi kulesi sikole lapho ihlabise khona ngenkomo ibonga othisha nabasebenzi ngemiphumela emihle nokuphephezelisa igama lesigodi iMadlebe ngokwenza kahle kwalesi sikole.
Uthishanhloko uMnuz Mbuso Mange, uthe abafundi sebelinde kuqalwe iphepha njengoba othisha sebefana nabantu asebewuphothulile umsebenzi wabo nakuba kungakavalelwa ngisho ikota yokuqala yonyaka.
Uthe ukusebenza ngokuzinikela kothisha, abafundi kanjalo nokubambisana komphakathi kusuka enkosini, amaphoyisa nezinye izinhlaka yikhona okwenza benze kahle minyaka yonke.
"Siphuma ebusuku, lapho inkosi iqinisekisa ukuthi siphephile. Amaphoyisa asuke enkanisile, aphelezele izingane. Sibonga asiphezi emphakathini ngokusivikela uma kufundwa. Abafundi sebelinde ukubhala, umsebenzi ufana nophothuliwe," kusho uMange.
Uthe babambisene nothisha ngoba ziningi izivivinyo okudingeka bazimake ngoba zibhalwa njalo.
"Ziyabhalwa izivivinyo asidlali. Zibhalwa nangempelasonto, othisha kudingeke bamake. Bayazinikela, ikusasa lezingane zethu lezi asifuni ukudlala ngalo. Ongenawo umdlandla wokufundisa kuze kube ileyo ndaba, uya kwamanye amakilasi ngoba kwa-matric, akudlalwa kuyasetshenzwa," kuqhuba uMange.
Uthe uma ufika ebusuku kulesi sikole ungafunga ukuthi isemini kwabha, ngendlela osuke usha ngayo umsebenzi.
Nyakenye lesi sikole siklonyeliswe nguNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo uNksz Siviwe Gwarube, ngokulala endaweni yesibili ezikoleni zakuleli ezingu-Quintile 3.
"Lo mklomelo usho lukhulu kuthina ukuthi kuzona zonke izikole zakuleli, salala endaweni yesibili ekubeni sisemakhaya. Kubafundi abebenza u-matric nyakenye, akekho othole uHigher Certificate, abangu-127 baphase ngamaBachelor, abangu-9 baphase ngamaDiploma. Kubafundi abaphase kahle akekho onamaphuzu esewonke angaphansi kuka-38, okusho ukuthi bangena begijima. Sifuna umfundi wethu uma eme kulayini efuna isikhala, atonyulwe kuthiwe ngena ngoba unamaphuzu amaningi," kusho uMange.
Uthe abasayikhulumi eyokuthi njalo kumele baphase ngo-100%, ngoba yinto kubona esegazini.
"Kubalulekile ukusheshe uphothule isilabhasi bese abafundi bebuyekeza. Lokho kubanika ithuba nabanye abasele ukuthi bakwazi ukukhava. Sinohlelo futhi lokusiza abafundi abasalayo, uthisha aqhamuke nohlelo lokuthi uzomsiza kanjani, ukuze uma sesiya kumzali sibe sesazi ukuthi ingane yakhe sizoyitakula kanjani ukuze iphase."