UKHATHAZEKILE umndeni womfundisi webandla laseManyaseni eMzinyathi, eNanda, iGalile Labezizwe, okuthiwa uminze nomunye wesifazane ngoLwesine kade beyothandaza edamini laseNanda, eMaphephetheni, njengoba isidumbu sakhe singatholwa.
Ngokusho kwendodana kamfundisi, uMnuz Sboniso Sibisi, uyise, uMnuz Khumbulani Sibisi, uminze kuleli damu ezama ukuhlenga uNksz Busi Mazibuko, owashelela wangena emanzini.
Uveze ukuthi ukuyothandaza emanzini yinto abajwayele ukuyenza. Uthe ngosuku lwesigameko bebengu-13 sebebonke ababeyothandaza edamini.
“Sifike emanzini senza insebenzo njengenhlalayenza. Sithe uma siqeda saya endaweni esithele lapho ubaba ecele omama ababili ukuthi basithele ngamanzi ngamabhakede, asingenanga phakathi emanzini ahambayo, besingaphandle,” kusho uSibisi.
Uthe uma umuntu esetheliwe ngamanzi omama, ubeya kumfundisi amkhulekele bese eyadlula.
Uthe isigameko senzeka sekusele abantu abathathu.
“Mina bengingowesithathu kanye nabanye abesifazane ababili. Kuthe ubaba eseqedile ukuthandazela uBusi Mazibuko, uBusi waphuma ngasonqenqemeni lwamanzi. Wathi uyadlula, wavele washibilikela emanzini. Kwasho ukuthi ubaba ngaleso sikhathi akabhalansile,” kusho uSibisi.
Uthe uyise uzame ukuhlenga uBusi kodwa bahamba bobabili namanzi.
“Sababona sebevela kwenye indawo,” kusho uSibisi.
Uthi naye uzamile ukubahlenga kangangokuthi kukhona lapho uyise akwaze khona ukumbamba ngakolunye uhlangothi, uBusi naye wambamba ngakolunye.
“Ngathi ngiyasuka kwaba sengathi kukhona into engidonsayo ingibuyisela emuva maqede yangishonisa phansi kakhulu, yilapho esahlakazeka khona, sonke,” kusho uSibisi.
Uthi naye nakuba uyaphila, wakhishwa ngaphandle yiwo amanzi.
Uthe bakwazi ukuthola uBusi esegaxeke etsheni okuyilo elamvimba ngosuku lwesigameko.
“Samfica lapho esethule,” kusho uSibisi.
Uthe basola ukuthi uyise ubambeke phansi kuma-ringforce noma ematsheni ngaphansi kwamanzi.
Uthe bayazicingela beyibandla ngoba alukho usizo abalutholayo kahle kubatshuzi ababheka abaminzile.
“Bavele bafike babuke, bahambe. Zonke lezi zinsuku bafike babuke, bahambe, akukho abakwenzayo, abangeni ngisho emanzini. Bavele bathi izinto zabo ezifunda amanzi zikhomba ukuthi akekho ubaba emanzini,” kusho uSibisi.
Uthe abakufunayo ukuthi basizakale, abatshuzi babatholele uyise. Uthe bafisa beze ngisho nanezinja ezikwazi ukucinga abantu emanzini kanye nezinye izinsizakusebenza ezisetshenziswayo uma kucingwa abantu abaminzile.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo, uthe ngoLwesine amaphoyisa aseNanda abizelwa endaweni yesigameko lapho kutholakale khona isidumbu sowesifazane (30) obeminzile.
"Amaphoyisa aphenya idokodo lokufa komuntu," kusho uConst Ngcobo.
Khonamanjalo, sekutholwe izidumbu zabayisishiyagalolunye emuva kokuminza kwabantu ababalelwa ku-15 okuthiwa bebeyobhabhadiswa emfuleni iJukskei, eGoli, ngoMgqibelo.