SESENYUKELE kwabahlanu isibalo sabashone esehlakalweni sokudubula esenzeke emijondolo engasemgwaqweni u-Old Main eSiphingo okusolakala ukuthi sihlobene nombango wokudayiswa kwewunga, ngesonto eledlule.
Kulesi sehlakalo kuthiwa amadoda amathathu angaziwa abehlome ngezibhamu avulela ngenhlamvu abhekisa kubantu abayisishiyagalolunye abebesemjondolo. Kwashona abane, abahlanu baphuthunyiswa esibhedlela, omunye wabo obelimele kakhulu wagcina eshonile ngoLwesihlanu.
Owazibonela kudutshulwa ababesemjondolo ongathandanga ukudalulwa uthe kwabashonile kukhona nabafana ababili abebedayisela othile iwunga.
“Kwabashonile bekukhona nabebezozibhemela ngoba bekudayiswa izidakamizwa. Akusibona abendawo bekuhlezi kufika abantu basezindaweni ezehlukene bezothenga. Umnikazi womjondolo akahlali lapha ufika ngokuzoqoqa imali noma alethe izidakamizwa, angimazi nokuthi ungubani,” kusho umthombo.
Uthe ayiqali lento ukwenzeka kule ndawo ngoba phambilini abanye ababedayisa iwunga badutshulwa ngendlela ecishe ifane.
Ihhovisi likaNgqongqoshe wezokuPhepha nokuXhumana koMphakathi KwaZulu-Natal, uMnuz Mxolisi Kaunda, lithumele isitatimende esigxeka ukubulawa kwabantu.
UMnuz Sipho Khumalo okhulumela umnyango uthe: “Okwamanje asikayazi imbangela yokubulawa kwababulewe, sizolinda amaphoyisa aphothule uphenyo lwawo. Kodwa uNgqongqoshe uyakugxeka kakhulu ukubulawa kwabantu ngalolu hlobo.”
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, uthe amaphoyisa aseSiphingo aphenya amacala okubulala nawokuzama ukubulala, bekungakaboshwa muntu.