NONTUTHUKO NGUBANE
U NKOSIKAZI kaMengameli Jacob Zuma, uNkk Bongi MaNgema Zuma, ugxeke abesifazane abathandana noBen 10 ngokuthi “bahlukumeza izingane”.
Usho lokhu emcimbini wokugubha usuku lwabesifazane ejele laseWestville eThekwini izolo.
Uthe lo mkhuba wabesifazane abaheha abesilisa abancane bese bethandana nabo uyafana nowabesilisa abadala abathandana nezingane ezincane, osugar daddy.
“Omama abathandana noBen 10 bahlukumeza izingane ezincane. Lokhu abakwenzayo akuhlukile nomkhuba esihlezi siwukhuza wabesilisa abathandana nezingane ezincane. Laba besifazane baqala ngokuheha abafanyana abancane bese begcina sekuthandanwa. Uma umfana esehamba nontanga yakhe bese owesifazane ekhononda ngemali yakhe asuke eseyisebenzisile kuBen 10. Lokhu kungaze kuholele esigamekweni sobugebengu, kukhona nongagcina elimala,” kusho uMaNgema.
undefinedIsexwayiso sikaMaNgema usenze emuva kokuthi kube nesigameko sowesifazane oshadile waseLovu otholwe ebulewe. Kusolwa isoka lakhe ngalokhu.
Kuthiwa ubesethengele isoka i-VW Passat. Kusolwa ukuthi ubesefuna ukuliphuca imoto kwabe sekusuka uthuthuva.
UMaNgema uthe njengoba abesifazane kuyinyanga yabo kumele bafunde ukwenza izinqumo ezifanele ukuze baphumelele bagweme nejele.
“Abaningi abangaphakathi (ejele) yingenxa yezenzo zabo abazithatha ngaphansi kwezimo ezithize. Kubuhlungu nokho kodwa iqiniso wukuthi abanye besifazane bahlukunyezwa belokhu bethi yingoba bayathandwa. Ngelinye ilanga bagcine bethathe isinqumo sokubulala labo abasuke bebahlukumeza, bese begcina ejele,” kusho uMaNgema.
Uyale abesifazane abangazi ukuthi kumele benze njani uma behlukunyezwa abesilisa.
“Uma uhlukunyezwa ekhaya wumuntu othandana naye, cela usizo kwabezenhlalakahle ukuze uzosizakala ukwazi ukusuka eduze kwakhe. Zazi wena ukuthi ungubani nokuthi uhloseni ngempilo yakho. Okusemqoka wukuba usheshe usukume ungaze ugcine ubulewe noma ubulele ngenxa yokubekezelela ukuhlukunyezwa,” kusho uMaNgema.