UMHOLI omusha wophiko lwentsha kwi-ANC uCollen Malatji uvikele ukuhamba kwabaholi bentsha ngezimoto eziphambili.
Ezithethelela lo mholi engxoxweni abe nayo nesiteshi sethelevishini uthe, iqiniso ukuthi bayasebenza abanye babo futhi bahola kahle.
“Uma nje ubheka isimo sami, ngiyilungu lePhalamende ngiyahola, lokhu kuchaza ukuthi ngiyakwazi nokuthenga ngesikweletu njengawo wonke umuntu osebenzayo,” kulandisa uMalatji okhethwe engqungqutheleni ye-ANCYL ebiseGoli, eNasrec ngempelasonto edlule. Le ngqungquthela bese kuphele iminyaka engu-8 ingabi khona kanti uMengameli owagcina ekhethiwe kwakunguCollin Maine.
Uthe okubalulekile kubona njengabaholi ukuthi bangakhohlwa yizidingo zabantu abasha, nokuyibona ababamele.
Ephawula ngodaba oluthinta umholi we-EFF uJulius Malema abaningi abamsola ngokuncintisana naye uthe lokho into engekho, kangangokuthi uma kukhona abavumelana ngakho ne-EFF bazosebenzisana kukhona, ngeke kube nenkinga.
Akulula ukuthi kube nokuphikisana okukhulu phakathi kwethu ngoba sobabili sisuka kwiCosas kanti futhi uke waba uMengameli we-ANCYL, athe naye unguyena njengamanje.