UNOBHALA we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Bheki Mtolo, usehlabe ikhwelo ukuthi kukhethwe abantu abanamava abazojutshelwa ePhalamende nasesiShayamthetho.
Uthe kukhona abantu abafuna ukufela ezikhundleni sengathi ubukhosi.
“Akubona ubukhosi, akufelwa kule nto yobuholi. Abantu abadala abasixolele. Abangena ngezikhathi zikaMandela ngo-1994, abasixolele. Usafuna ukuhola ekubeni wangena noMandela ePhalamende. Sidinga abantu abasha manje,” kusho uMtolo.
Ukusho lokhu ekhuluma emhlangweni wesifunda iJosiah Gumede ngempelasonto.
Uthe intsha ifuna ukuthi u-20% wayo ujutshelwe ePhalamende nasesiShayamthetho njengoba kuzoba nokhetho lwangonyaka ozayo.
Uqhube wathi akuchithwe labo abazinxenxela bona amalungu ukuthi abavotele.
“Bachitheni labo abaziphakamisa bona ukuthi nibakhethe. Ngiyodumala uma kungukuthi nibakhethile njengoba kuzoqala uhlelo lokuthi kuphakanyiswe amagama abantu abazojutshwa.”
UMtolo uveze ukuthi noma bangahlakazwa beyisigungu sesifundazwe, uma kuhlala ukhetho bazophinde badle umhlanganiso.
“Ngeke sisatshiswe ngokuthi sizohlakazwa. Uma sihlakazwa, sizobuye singenele ukhetho lwesifundazwe siwine. UDuma (Sboniso) uzobuya njengosihlalo, uGugu (Nomagugu Simelane) abuye njengephini likasihlalo, uMtolo abuye njengonobhala, uHlomuka (Sipho) abuye njengephini likanobhala bese uJunda (Ntuthuko Mahlaba) njengomgcinimafa,” kusho uMtolo.
Uthe abazange bakokotele amagatsha, bakhethwa nje badla umhlanganiso ekuholeni isifundazwe.
Unxuse amalungu ukuthi amukele uma ekhale ngaphansi engakhethwanga ezikhundleni.
“Amukelani imiphumela uma ushaywe okhethweni wanaba, ukhetho enhlanganweni luzobakhona eminyakeni elandelayo. Uma ungakhethwanga uyobuye ukhethwe ngokulandelayo,” kusho uMtolo.
Uthe akangabazi ukuthi bazowudla umhlanganiso okhethweni lwangonyaka ozayo.
“Sisebenzela ukuwina ngamalengiso okhethweni. Abanye bazophikisa imiphumela yokhetho uma sesidle umhlanganiso ngonyaka ozayo,” kusho uMtolo.
Uthe okhethweni bazobe befolosa ngoMengameli Cyril Ramaphosa, ozobe ewubuso benhlangano.
“Sashaywa engqungqutheleni ye-ANC nyakenye, eNasrec, uRamaphosa wasiqumba phansi. Kwakunzima ukuphuma siyotshela abezindaba ukuthi sihluliwe kodwa kwakumele sikwenze lokhu. Uma uhluliwe uke ucabange ukuthi uqoliwe, kanti ushaywe phansi walala ngesisu. Samukela ukuthi inyathi yasishaya.”