OWAYEPHETHE uhlelo eMkhosini woMhlanga, uvulelwe icala lokushaya oweseka uMntwana uSimakade Jackson kaZwelithini.
UMntwana uMbongiseni Zulu, wasoSuthu, uvulelwe icala lokushaya esiteshini samaphoyisa KwaNongoma.
UMntwana uMbongiseni wayephethe uhlelo ngokubambisana noNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal, uNkk Nonhlanhla Khoza, emkhosini wangesonto eledlule.
Icala alivulelwe lisukela esigamekweni sokukhishwa ngoshova kwabeseka uMntwana uSimakade esigodlweni eNyokeni ngoLwesihlanu.
Abeseka uMntwana uSimakade, okwakukhona phakathi kwabo nobakhulumelayo, uMntwana uMandlakapheli Zulu, bakhishwa ngesankahlu beqeda ukuba nesithangami nabezindaba esigodlweni.
Kuma-video asabalala ezinkundleni zokuxhumana, kubonakala abaNtwana baseNdlunkulu, okukhona kubo noMntwana uMbongiseni, beqonda kuMntwana uMandlakapheli.
Ngaleso sikhathi uMntwana uMandlakapheli wayesesonga inkulumo yakhe nezintatheli.
AbaNtwana, ababukeka benengekile, bafike babuze ukuthi yini uMntwana uMandlakapheli ayikhuluma nezintatheli.
Emva kwalokho kube sekusuka isiphithiphithi, nokuphetha ngokuthi bakhishwe ngoshova abeseka uMntwana uSimakade.
Lesi sigameko senzeka ngesikhathi kusenesididi ngendawo okuzobanjelwa kuyo uMkhosi woMhlanga.
Kwakunamahlebezi okuthi umkhosi usuthuthile esigodlweni eNyokeni, wayiswa esigodlweni kwaKhangelamankengane.
Ngesikhathi ekhuluma nabezindaba, naye uMntwana uMandlakapheli wathi bese bezwile ukuthi umkhosi usuzokuba kwaKhangelamankengane.
Kepha umkhosi wagcina uqhubeke khona eNyokeni.
UMntwana uMandlakapheli ukuqinisekisile ukuthi sebevule icala kulandela lesi sigameko.
Uthe omunye wabeseka uMntwana uSimakade washaywa ngesikhathi kusuka isiphithiphithi.
Uveze ukuthi basalindele amaphoyisa ukuba athathe izinyathelo.
Uthe basalindele nezimpendulo ngesikhalo abasifakayo ngokugasela kwamaphoyisa esigodlweni eNyokeni ngoLwesihlanu entathakusa.
Kulokhu kugasela kwawo, amaphoyisa kuthiwa afike akhipha wonke umuntu ongadingeki esigodlweni.
UMntwana uMbongiseni ukuqinisekisile ukuthi uvulelwe icala.
“Sengiyile emaphoyiseni ngayowanikeza isitatimende sami.”
Ukuphikile ukuthi kukhona umuntu owashaywa ngesikhathi kusuka isiphithiphithi.
“Banelungelo lokuyovula icala, ngeke sibavimbe ngoba siphila ezweni lenkululeko. Kodwa iqiniso ukuthi akekho umuntu owashaywa. Lesi sigameko senzeka phambi kwamaphoyisa.
“Iqiniso ukuthi thina laphaya sasize ekhaya. Kukwethu laphaya. Abantu ababengafuneki ibona. Babeyaphi laphaya ngoba bona babethe uMkhosi woMhlanga abawufuni?”
Kushaye isikhathi sokushicilela amaphoyisa engakayiphenduli imibuzo ngalolu daba.