UZOSHISA phansi umbango wesikhundla sokuhola iqembu eliphisayo iDA njengoba izolo intokazi yaKwaZulu-Natal, uNksz Mbali Ntuli (31) imemezele ukuthi isiphakathi embangweni walesi sikhundla ebesibanjwe nguMnuz Mmusi Maimane iminyaka emihlanu.
UNksz Ntuli wethule ngokusemthwethweni umkhankaso wakhe izolo lapho akubeke kwacaca khona ukuthi uzibona enamava afanele okuhola leli qembu.
“Kufanele silungise indaba yemigomo yeqembu, kucace ukuthi ithini futhi ngibona ngikufanele ukukhethwa ngoba ngizokwazi ukuxhumana nabantu balo lonke uhlobo. Ngiyalwazi usizi lokulala ungadlile nenhlupheko. Ngisebenze ezinhlakeni ezehlukene zeqembu, sengivuthiwe manje,’’ kuchaza uNksz Ntuli ngokuzethemba.
Isikhundla esibangwayo sivuleke emuva kokuhamba kukaMaimane owesula.
Wesula emuva kombiko weqembu ongambekanga neze kahle ekuholeni leli qembu.
UNksz Ntuli uyilungu lesisShayamthetho KwaZulu-Natal futhi uke waba yimenenja yezokhetho esifundazweni.
Ngaphambi kwalokho, uke waba yikhansela elimele iDA engakajutshwa esiShayamthetho. Ingqungquthela yeDA izohlala ngo-Ephreli lapho uNksz Ntuli ezobanga khona noMnuz John Steenhuisen oyibamba lomholi.
Uthe kufanele kukhethwe yena njengoba engumholi ofuna ukubuyisa iqiniso nokwethenjwa kweDA kuzwelonke. Uthe siphelile isikhathi sokuthi kubonakale sengathi iDA ayazi ukuthi yenzani. Ukhale ngobuholi obubusayo, wathi bubonakala bubuye budideke kwesinye isikhathi, yingakho efuna ukungena alekelele uma ethatha izintambo. Uthe kufuneka indlela entsha yokupolitika, hhayi lokhu kubanjwa kuyekwa ekubeni abantu befuna izidingo zabo.
Uveze nokuthi uma kwenzeka ekhala ngaphansi, uyosihlonipha isinqumo sentando yabantu eqenjini. Uvumile ukuthi iDA ibhekene nezinkinga, wathi akangabazi ukuthi yena uzoba nalo ikhambi lezinkinga.