OWAYEYIMEYA yaseGoli, uMnuz Herman Mashaba, uzokwethula inhlangano yakhe entsha yezepolitiki ngo-Agasti 29.
UMashaba uthe izolo leyo nhlangano izokwethulwa negama elisha nophawu olusha.
Lo somabhizinisi wasula njengelungu le DA futhi njengeMeya yaseGoli nyakenye. Ngokuphazima kweso, uMashaba wabe esethula ayekubiza ngePeople's Dialogue ngenhloso yokuthola ukwesekwa ekusungulweni kwenhlangano yepolitiki.
NgoLwesine umemezele ukuthi owayeyiLungu elimele i-ANC ePhalamende uVytjie Mentor ujoyine inhlangano yakhe. Ekuqaleni kwalo nyaka, inhlangano yakhe ijoyinwe ngababengamalungu eDA, uFunzile Ngobeni noMichael Beaumont.
UMashaba uthe inhlangano seyinamavolontiya angaphezu kuka1 000 futhi wathembisa ukuthi yinqwaba yabaholi abaphezulu abalindeleke ukuba bajoyine. Inhlangano ihlela ukungenela ukhetho lohulumeni basemakhaya emikhandlwini emikhulu okuyiGoli, Tshwane ne-Ekurhuleni.
"Abazobamba iqhaza emcimbini wokwethulwa kwale nhlangano ngabantu abamqoka baseNingizimu Afrika abazobe bezibambele mathupha ekusayineni enhlanganweni entsha ezokwethulwa ngokusemthethweni," kuphetha uMashaba.