ONGOTI bezamasiko bagxeka izinhlelo zokuthi uMkhosi weLembe wakulo nyaka, ube ngosuku olwandulela usuku okwaguqa ngalo iLembe ukuze umkhosi ungashayisana nomgubho kazwelonke woSuku lwamaGugu, ozoba KwaZulu-Natal.
Kunezinhlelo zokuthi uMkhosi weLembe nonyaka ube ngoMgqibelo, ukuze ungaphazamisa umcimbi kazwelonke ozokuba ngeSonto.
UMkhosi weLembe uba ngoSeptemba 24 minyaka yonke, lolu wusuku okwaguqa ngalo iLembe.
Ongoti bezamasiko bathe uma uMkhosi weLembe ungagcina wenziwe ngoMgqibelo, kungabe kukhombisa ukuthi uhulumeni uzibeka ngaphezu komlando kaZulu.
Abahlaziyi bezamasiko, uDkt Maxwell Shamase noSolwazi Musa Xulu, bathe banesiqiniseko sokuthi ukube usekhona obengundunankulu kaZulu, inkosi Mangosuthu Buthelezi, ubengeke avume ukuthi umkhosi wenziwe ngosuku olwandulela okwakhothama ngalo iLembe.
UShamase uthe akuwenzi umqondo ukuthi umgubho ube ngosuku olwandulela okwasocongwa ngalo iLembe.
“Awukwazi ukuhlaba inkomo umnumzane engakafiki ekhaya. UButhelezi ubezoyinqaba yonke le nto. Ibizogcina ingenzekanga ngoba ubehlonishwa. Ngisola sengathi izogcina yenzekile ngoba iSilo esihlezi esihlaweni kubukeka sengathi siwukhonzile lo hulumeni obusayo.”
UXulu naye uthe ubezolindela ukuthi uButhelezi akuphikise lokhu, wathi walulwela kakhulu lolu suku, uSepthemba 24 ukuthi lube yiholidi.
“Ingukuphambanisa izikhuni le nto eyenzekayo. Inhloso yomgubho wukuvuselela isigameko. AmaBhunu ngeke uwezwe ethi umgubho wosuku lwaseNcome, uDisemba 16, awenziwe ngoDisemba 2. Lokhu kungaba wukucisha umlando. Uhulumeni uzibeka ngaphezu komlando kaZulu.”
Uhulumeni kazwelonke uhlela umgubho kazwelonke woSuku lwamaGugu ozoba ngeSonto, enkundleni yezemidlalo iPrincess Magogo, KwaMashu.
Kulo mgubho iPhini likaMengameli, uPaul Mashatile, lizokwethula inkulumo yosuku.
Isolezwe lithole ukuthi uMkhosi weLembe uzoba ngoMgqibelo, okuwusuku olwandulela umhlaka-24 Septhemba.
Isolezwe libone isikhangiso esiputshukile esiqhamuka eMnyangweni wezeMidlalo, amaSiko namaCiko KwaZulu-Natal, esazisa abantu ukuthi uMkhosi weLembe uzokuba ngoMgqibelo esikoleni iStanger High, KwaDukuza.
Lesi sikhangiso sinxusa amabutho kaZulu nesizwe ukuba afike ephelele ngoMgqibelo KwaDukuza, ukuzogubha indima eyaklanywa uiSilo uShaka kaSenzangakhona ekubumbeni isizwe esihlangene.
Kuvele nokuthi kunezingxoxo zokuthi iSilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini, sibe semcimbini kahulumeni kazwelonke.
Inhloko yophiko lwezemisebenzi yomphakathi nezimo eziphuthumayo kuMasipala waseThekwini, uDkt Musa Gumede, icashunwe yiphephandaba elinguzakwabo weSolezwe, iThe Mercury, ithi bazi ukuthi iSilo sizokube sikhona emcimbini ohlelwa wuhulumeni kazwelonke.
Lokhu ukusho ngesikhathi ephendula imibuzo yamakhansela akulo omasipala azwakalise ukukhathazeka ngesikhathi ewabikela ukuthi umgubho kazwelonke woSuku lwamaGugu uzokuba eThekwini.
Amakhansela abekhale ngokuthi umcimbi uzoshayisana noMkhosi weLembe, kepha uGumede uphendule ngokuthi batshelwe ukuthi iSilo sizobe sikhona ePrincess Magogo.
UGumede uphinde watshela amakhansela abesemhlanganweni wesigungu esiphezulu obungoLwesibili, ukuthi ngoMgqibelo kuzovulwa umfuziselo weLembe osesikhumulweni sezindiza, iKing Shaka.
Umfuziselo waqalwa phansi emva kokuba iSilo esesakhothama uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu sikhononde ngomfuziselo omdala, sikhala ngokuthi uveza Ilembe njengomfana wezinkomo.
Okhulumela uMnyango wezeMidlalo, amaSiko namaCiko KwaZulu-Natal, uMnuz Nathi Olifant, uvumile ukuthi kukhona ukukhuluma okuthi uMkhosi weLembe uzoba ngoMgqibelo.
“Sisalinde ukuthi konke kuqinisekiswe, bese sikhipha isitatimende. Okuphazamisa uMkhosi weLembe wukuthi kunomgubho kahulumeni kazwelonke ozoba KwaZulu-Natal. Usuku lwangoMgqibelo aluqhamukanga nathi.”
Okhulumela ihhovisi leSilo, uMntwana u-Africa Zulu, uthe uzokwazi ukuphawula kahle namhlanje ngalolu daba.